IPirates ihlulekile ukubuyisa izinduku kwi-Al-Ittihad

IPirates ihlulekile ukubuyisa izinduku kwi-Al-Ittihad
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates izame yancama ukuthola igoli ibuyise izinduku kwi-Al-Ittihad yaseLibya kwiCaf Confederation Cup e-Orlando Stadium ngeSonto kusihlwa.

IPirates beyiye kulo mdlalo ibheke ukuqhubeka nomgqigqo wayo omuhle wokuhlohla amagoli kulo mqhudelwano.

Nokho kugqame ukuba buthuntu phambili njengoba umdlalo uze waphela kungekho goli. Lo mphumela nokho awusho lutho kwiPirates njengoba beyivele seyiyiqinisekisile indawo yayo esigabeni somkhumulajezi.

I-Al-Ittihad yona beyidinga iphuzu elilodwa vele ukuze idlulele phambili kulo mqhudelwano.

IPirates iwuqale kahle lo mdlalo futhi bekumele kuphele imizuzu yokuqala eyishumi seyilishayile igoli.

Ibhola belihlala kuyo isikhathi eside futhi ifika ebhokisini le-Al-Ittihad kodwa yehluleke wukwakha amathuba acacile okushaya amagoli.

FUNDA NALA: Uchazekile uBaxter ngeChiefs elwe kwalunga kwiChippa

Ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala incishwe iphenathi kulandela ukuthi uKwame Peprah ewiswe ebhokisini kodwa unompempe wathi akabonanga lutho olubi.

I-Al-Ittihad ibuye seyingcono esiwombeni sesibili futhi seyiqala nayo ihlasela ifuna ukubona ukuthi ngeke yini ikwazi ukuthola igoli.

Abaqeqeshi bePirates babuye babona ukuthi izinto azilungi nasesiwombeni sesibili benza izinguquko.

UThembinkosi Lorch ungene endaweni kaBandile Shandu, kwathi uGabadinho Mhango wangena kwekaPeprah.

Umdlalo uphele sebefana nezimpukane ezifuthwe ngeDoom abadlali be-Al-Ittihad njengoba bese bevele beziwele nje uma kuke kwakhona osondela kubo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.