IPirates ikhanyise indlela ebuyeka kweyeCaf ibhubhudla iMaritzburg

IPirates ikhanyise indlela ebuyeka kweyeCaf ibhubhudla iMaritzburg
UHappy Jele we-Orlando Pirates noFriday Samu weMaritzburg United
OkaDonga Gumbi

Iqalile ukucenta indlela ebuyela emidlalweni yeCaf nangesizini ezayo kwi-Orlando Pirates ngesikhathi ishaya iMaritzburg United ngo 4-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili kusihlwa.

Ukunqoba kwePirates ngamagoli amaningi kuyisizile ukuvala igebe lamagoli phakathi kwayo neCape Town City futhi uma ingawina le midlalo emibili esele, nakanjani seyingaphelela endaweni yesibili.

IBucs ilale endaweni yesithupha ngemuva kwalo mdlalo kanti indlela yayo izocaca kahle ngoLwesihlanu uma seyibhekene neRoyal AM nayo efuna indawo kule midlalo yeCaf.

Okuzoyikhatha nje iPirates wukuthi umdlalo uphele abanye babadlai bayo sebexhugela ngenxa yokubanjwa amajaqamba adalwa ukukhathala.

Amathuba asheshe avela kwiPirates kodwa yaqhubeka nokudlala ngawo njengoba bekumele kuphele imizuzu eyishumi yokuqala seyinalo okungenani igoli elilodwa.

Kodwa uThembinkosi Lorch ukulungisile lokho ngomzuzu ka-21 ebeka iPirates phambili. Ibhola lisuke kuDeon Hotto okhiphe enhle iphasi emcwenge phakathi kweitobha uLorch.

Uphume wabhekana nonozinti othe uzama ukuphuma uLorch wamhlanganisa nalo, layonamathela enethini.

Emizuzwini emihlanu ukusuka lapho, uHotto uphinde wacwenga uHappy Jele othe uyalingqofa ngebhadi ibhola lakhe lazishayisa epalini ekubeni bekubukeka ebengeke esalifica unozinti.

Kuthe sekusele imizuzu emithathu kuyiwe ekhefini, iPirates yalithola igoli lesibili eliqhamuke ngemuva komnyakazo othembisayo.

Ibhola liqhamuke loLorch kwesokudla, waligobela ebhokisini lahlangana noKabelo Dlamini. Ube eselichiliza lawela phambi kukaKwame Peprah, wadonsa intambo lakhala enethini.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili iMaritzburg yenze okungejwayelekile njengoba u-Ernst Middendorp evele wazenza zonke izinguquko abekelwe zona.

Ukhiphe oKeegan Ritchie, Genino Palace, Tawanda Macheke, Lucky Baloyi noNicholus Lukhubeni. Ezindaweni zabo kungene o-Alfred Ndengane, Brandon Theron, Ryan Rae, Zukile Kewuti noLelethu Skelem.

Lezi zinguquko zisebenzile njengoba iMaritzburg bese kuyiyo elibamba kangcono yize beyihluleka ukusondela amapalini eBucs.

FUNDA NALA: UMakume weBaroka usephenduke inyama emaqenjini eDStv Premiership

Futhi izinto zibhimbe kakhulu ngomzuzu ka-60 ngesikhathi iPirates ibazuma, kwaphetha ngokuthi ibhola lifice uHotto engamakiwe ebhokisini, waphenduka walibeka enethini.

Ngomzuzu ka-63 iPirates ivele yalala emuva, yahluleka ukuvala izikhala okwenze uFriday Samu athole ibhola eyedwa qede walinamathisela enethini.

IBucs ilishayile igoli ngomzuzu ka-67, kodwa kwasho ukuthi uLorch ubesesendaweni engamfanele ngesikhathi elingqofela phakathi.

Ngemuva kwemizuzu emibili ngemuva kwalokho, uDlamini ube eselithola elesine lePirates. Naye uzithole esephume yedwa, wathi uyazama unozinti ukuphuma, wamphambanisa nalo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.