IPirates ilengela ogibeni olubi lokushoda konozinti

IPirates ibhekene nenkinga enkulu yokushoda konozinti
URichard Ofori okuthiwa uhalelwa yiqembu laphesheya
Intatheli yeMpempe

I-Orlando Pirates ivele ibamba iyayeka njengoba ingaqinile kahle konozinti kanti sekuvele ukuthi isimo singase sibe sibi kakhulu maduze nje.

Impempe seyihoshe umoya wokuthi kuneqembu laseSaudi Arabia elihlela ukufika nezindodla zemali ukuzonunusela iPirates ukuze lithole uRichard Ofori.

Uma kungagcina ngokuthi limthathe leli qembu elingakadalulwa igama lalo u-Ofori, iPirates ingasala noSiyabonga Mpontshane noKopano Thuntsane.

UMpontshane nguye onamava nongasala eyibamba kodwa njengoba iminyaka seyimphika nje usenakho ukulimala njalo.

UThuntsane akakaze adlale ezingeni leDStv Premiership kusukela akhushulelwa eqenjini elikhulu ngesizini edlule.

Nakhona wakhushulwa ngoba sekushubile kulimele u-Ofori noWayne Sandilands ngesikhathi esifanayo kanti noMpontshane wayedlala exhuga.

“Lizimisele kakhulu leli qembu ukuthola u-Ofori futhi lizobeka imali okungelula iPirates iyinqabe. Vele ke uKhoza (usihlalo wePirates) akanankinga uma umdlali eyela imali esile phesheya.

“Sekunesikhathi leli qembu limcathamela u-Ofori kanti ngesizini edlule laphazanyiswa wukuthi alimale. Labe selihlehla, lalinda ukubona ukuthi uyelulama yini.

“Njengoba nje eseluleme futhi edlala kahle, selibuyile ke lifuna ukumthatha engakabonwa abanye,” kusho umthombo.

FUNDA NALA: Kushone ababili abebegijima iComrades Marathon

Uphinde waveza ukuthi akhona namanye amaqembu aphesheya abevele eke abuza ngalo nozinti kodwa iPirates yakucacisa ukuthi akekho endalini okwamanje.

U-Ofori ungomunye wabadlali abayizethenjwa kwiPirates kule sizini futhi nguye oyiphini likakaputeni u-Innocent Maela.

“Ey angiboni ukuthi lizokwamukelwa lelo qembu. Khona kukhona esike sakuzwa ngalo kodwa ngathi akukho okusabekwe etafuleni.

“Kodwa ebholeni akumele uphike izinto kakhulu ngoba ulala wazi okunye, uvuke kusasa sekujikile lokho obuzishaya ngakho isifuba,” kusho omunye umthombo osondelene neBucs.

Inkontileka ka-Ofori iyaphela ekupheleni kwesizini okuyinto engenza iPirates ikhethe ukwenza imali ngaye kumanje kunokuthi ahambe mahhala ngoJuni.

Lo mthombo ube sewuphinde uveza ukuthi iPirates ayikadeli emizamweni yayo yokuqinisa konozinti njengoba isahlwaya.

“Into enhle wukuthi inezinhloli zekhono ezishaya emhlolweni manje iPirates uma ubheka abadlali abasayinwe kula masizini amabili edlule.

“Kumanje zisemkhankasweni wokuthola unozinti kanti ngathi okwamanje basagxile ngaphandle kwakuleli,” kusho lo mthombo.

Unozinti weTS Galaxy uMelusi Buthelezi uke wamataniswa nokuya koqinisa konozinti kwiPirates kodwa akukho okubambekayo okusavelile ngaye.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *