IPirates ingase inikwe indebe yeConfederation Cup

IPirates ingase inikwe indebe yeConfederation Cup
Abadlali be-Orlando Pirates ngesikhathi bebhekene neRS Berkane kwiCaf Confederation Cup
Sbongs Gumbi

Sekuvele ukuthi i-Orlando Pirates ingase ibekwe njengompetha beCaf Confederation Cup, bese ibuyela kulo mqhudelwano iyovikela lesi sicoco ngesizini ezayo.

Lokhu kulandela ukuthi iTP Mazembe seyifake icala lenkohlakalo esola ngalo iRS Berkane yaseMorocco eyahlula iPirates kowamanqamu owawuseNigeria.

Ngokokubika kwabeBenin Web TV, ojimisa abadlali kwiBerkane wazama ukugwazela unozinti weMazembe, uBaggio Saidi, ukuthi abadedele ngesikhathi la maqembu edlala kowandulela owamanqamu.

Uma icala liyilahla iBerkane kusho ukuthi izokhishwa kulo mqhudelwano bese iphucwa nendebe inikezwe iPirates.

“Leli cala lizosusa umsindo kwezemidlalo… Kulandela ukukhishwa kwayo emidlalweni eyandulela owamanqamu, ishaywa kanzima yiRenaissance Sportive de Berkane (ngo 4-1), iTP Mazembe isola inkohlakalo.

“Leli qembu laseCongo laxosha obesethimbeni lalo eliqeqeshayo u-Alexandre Coppolani waseFrance, kanti manje selimsola ngokuthi wazama ukunikeza unozinti wabo imali ukuze adedele amagoli.

“Kodwa uCoppolani naye akazibekile phansi njengoba esefake elakhe icala kwiFifa nasezinkantolo zaseFrance, ekhala ngokuthunazwa kwegama lakhe.

“Esikhalazweni sakhe asifake kwiFifa, uthi waxoshwa ngendlela engafanele kwiMazembe futhi wahlukunyezwa ngakho lezi zinsolo ezokuzama ukumvala umlomo nje.”

FUNDA NALA: UXola Mlambo usevumbuke kwiTS Galaxy ngemuva kokuxoshwa kuMaZulu

Ngokwemithetho yeCaf, uma iqembu eliwine indebe kutholakala ukuthi lenza inkohlakalo, indebe iyathathwa inikwe elalala isibili.

“Uma kuba nenkohlakalo eyenzekile ngesikhathi kudlalwa umdlalo wamanqamu yenziwa yiqembu eliwine indebe, ibe seyibuyiselwa eqenjini elilale isibili.

“Iqembu elitholwe linecala libe selimiswa emiqhudelwaneni yeCaf iminyaka emithathu,” kuqhuba lo mbiko.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *