IPirates inqabile iSuperSport izama ukubukisa ngayo koweligi

IPirates inqabile iSuperSport izama ukubukisa ngayo koweligi
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates inqabile ukuphendulwa iminqolo yiSuperSport ebifuna ukuyixhaphaza ngokuyishayela ekhaya e-Orlando Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

ISuperSport beyithi seyiqedile ngeBhakabhaka ngesikhathi ilihubhisa u 2-0 kungakapheli nemizuzu engu-20 umdlalo uqalile kodwa iPirates igcine inqabile ukushayelwa ekhaya.

EzikaMagebhula zigcine ziwuwinile lo mdlalo weDStv Premiership obunzima nokuzenze zenyukela endaweni yesithathu zeqa omakhelwane iKaizer Chiefs.

Izinto zisheshe zabhimba kwiPirates eqale umdlalo sengathi isekuhambeni njengoba beyilicinga ngethoshi liphethwe yiSuperSport.

Kuthe kungakapheli nemizuzu eyishumi, uKegan Johhanes walivalela enethini iPirates ihlulwa wukumaka kade kuyikhona.

IBucs ibe seyiphoqeleka ukwenza ushintsho njengoba uThabang Monare, obizelwe kwiBafana Bafana, elimalile. Indawo yakhe ithathwe uNtuthuko Mabaso.

Ithe isathi yetshisa lelo goli, iSuperSport yathola enye ikhona esayidini elifanayo, kulokhu ibhola lahlangana noGampani Lungu walingqofela enethini.

Ngemuva kwaleli goli iPirates inbonakale ivuka emqandeni, yaqala ukuhlanganisa imizamo yokuya phambili kwasho khona ukuthi iSuperSport ivale kahle emuva.

Ngomzuzu ka-31, uJohhanes ubethi uyamudla futhi uRichard Ofori kodwa lo nozinti edonsa intambo ekude, walichitha ibhola lakhe.

UMabaso uthole elihle ithuba ngomzuzu ka-32 ngemuva komdlao omuhle kaPaseka Mako kwesokunxele, kodwa wavele washaya into ayivimbe kalula uRonwen Williams.

ISuperSport icishe yalithola elesithathu ngebhola ebelibekekwe phansi ngaphandle kancane kwebhokisi leBucs, lathathwa uJamie Webber kodwa laceza kancane phezu kwepali.

Kuthe sekusele imizuzu emibili kuyiwe ekhefini, iPirates yabekelwa iphenathi ngemuva kokuwiswa kukaMabaso ebhokisini leSuperSport.

Kuphakame uDeon Hotto walibeka enethini, enika iBuca ithemba lokuthi isangabuya ithole okuthile kulo mdlalo kunokuphuma ishwiba izandla.

FUNDA NALA: IMaritzburg ibuye nephuzu elibalulekile eGoli

UJohhanes, okunguyena owise uMabaso kuze kubekwa iphenathi yokuqala, ukuphindile lokho sekubalwa manenjana kuyiwe ekhefini, kulokhu ewisa uTerrence Dzvukamanja, labekwa emlotheni.

UHotto uphinde waphakama walibeka enethini. Kuyiwe ekhefini sezibambene ngo 2-2 yize ngokwamathuba bekufanele ngabe iSuperSport beyisinamagoli amane okungenani.

Isiwombe sesibili siqale sekyiPirates ephethe umdlalo futhi ifika iphindelela emapalini kaWilliams kodwa yehluleke wukwenza umsebenzi.

Ngokuhamba kwesikhathi naMatsatsantsa abuyile emdlalweni agcina esebona ukuthi asangaphinde ayimangaze iPirates ahambe namaphuzu agcwele.

Kuthe sekungathi umdlalo uzophela zibambene, uGoodman Mosele wathi ngeke kulunge ukuthi kucazelwane amaphuzu washaya igoli lokuwina.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *