IPirates inunuselwa ngesihlabani seBafana esihalelwa abaningi

IPirates inunuselwa ngesihlabani seBafana esihalelwa abaningi
Sbongs Gumbi

I-Orlando Pirates ingase igadle ngesihlabani seBafana Bafana esihalelwa inqwaba yamaqembu uma izinto zigcine ziyilungele.

Impempe ithole ngomthombo wayo othembekile ukuthi leli qembu laseSoweto lihamba phambili kwangase aphelele kuwo uPercy Tau uma kwenzeka exoshwa kwi-Al Ahly.

UTau kumanje ukuleli qembu lase-Egypt la ayelandele khona uPitso Mosimane obengumqeqeshi noshiye kuleli viki kulo.

Kusabalele izinsolo zokuthi noTau uzomphelela umsebenzi kwi-Al Ahly njengoba kuvele kukhona abalandeli abebengayizwa indaba yakhe.

Sekukaningi ke nezinkakha zaleli qembu zisola uMosimane ngokulanda uLion of Judah, zithi akekho ezingeni laleli qembu.

“Ngicabanga ukuthi yinto esiyaziyo sonke ukuthi uTau uzogcina ngokukhonjwa indlela kuleli qembu,” kusho lo mthombo.

“Kodwa kungenzeka ahlale kuze kuphele lesizini kodwa uma sekukhona umqeqeshi omusha angiboni ezosinda, bazomkhomba indlela ngoba ufana nomdlali kaPitso.

“Esengikuzwile ke wukuthi iPirates yiyo osekuke kwakhulunywa nayo ngaye ukuthi uma ephuma laphaya aze kuyo.

“Nokho kuyoqale kubhekwe ukuthi awekho yini awaphesheya amfunayo. Into ebaheha kwiPirates wukuthi inabadlali abacishe balingane naye futhi abadlala njengaye.

“Ukubuyela kwiSundowns angikuboni kungenzeka. KwiPirates kunenqwaba yabadlali anabo kwiBafana yingakho abamphethe befisa aphelele kuyo,” kucacisa lo mthombo.

Uphinde waveza ukuthi yingakho iPirates ingasajahile ukuhambisa abadlali okumele ibadedele ngoba kumele iqale ibone isimo sikaTau siphelelaphi.

“Kukhona nomdlali weGolden Arrows okumele ngabe usayinwe kanye noNkosinathi Sibisi kodwa bayimisa eyakhe ngoba ucishe adlale indawo efanayo noTau.

FUNDA NALA: UJohnson uveza okwenza amaqembu asenhla ne-Afrika azenzele kwawakuleli

“Balinde ukubona ukuthi iphelelaphi le kaTau ngaphambi kokuthi bathathe izinqumo. Nokuhalela kwayo uNdabayithethwa Ndlondlo kuphele ngokuvela kwale kaTau.

“Kodwa yinto ekhulunyelwa phansi kwazise uTau usanenkontileka kwi-Al Ahly futhi kumele abakhombise ukuthi akayena umdlali okwazi ukudlala ngoba ecijwa uPitso kuphela.

“Abafuni ukumphazamisa naye kwazise uvele uxhilekile ngokuhamba kukaPitso okwenzeke engakulindele.”

Uphinde waveza ukuthi yingakho iPirates icabanga nokuqasha uCavin Johnson oke wasebenza noMosimane isikhashana e-Egypt.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.