IPirates iphunyukwe yiqatha leFifa u-Ofori esala kweleGhana

IPirates iphunyukwe yiqatha leFifa u-Ofori esala kweleGhana
URicahrd Ofori we-Orlando Pirates neGhana

 

Unozinti we-Orlando Pirates uRichard Ofori usale ngaphandle eqenjini lesizwe laseGhana eliyodlala eNdebeni yoMhlaba eQatar kuyo le nyanga.

Imidlalo yeNdebe yoMhlaba iqala ngoNovemba 20. Umqeqeshi weGhana u-Otto Addo umemezele iqembu ayohlasela ngalo kulo mqhudelwano ngoMsombuluko.

U-Ofori usala ngaphandle nje yongenxa yokulimala akuthole iPirates ibhekene naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership emvikini ambalwa edlule.

Welulamile waphinda wadlala kowamanqamu kwiMTN8 nawo AmaZulu kodwa waphinde wathunukala nokuyikho osekumphuthisele ngethuba lokuya eNdebeni yoMhlaba.

IPirates imkhululile ukuthi aye ngakubo eGhana la abeqembu lesizwe elaziwa ngeBlack Stars befike bamxilonga ngokwazo ukuzenelisa ngokulimala kwakhe.

Yize umqeqeshi u-Addo ekuvezile ukuthi ubefisa ukuba nalo nozinti okunguye onamava eqenjini lesizwe njengamanje, kodwa kuphoqelekile ukuthi amshiye.

Bekubhekwe ukuthi engamthatha ahambe naye bebe bezama ukumelapha bekhona eQatar ukuze uma kulunga aqhubeke nokusiza iqembu.

Kodwa lokho kubuye kwayekwa, kwathatha onizinti abayimiqemane kwayibo abayomela iGhana kule midlalo.

Ukusala kuka-Ofori kusho ukuthi iligi yakuleli yePremier Soccer League, ethathwa njengenkulu e-Afrika izobe ingenaye noyedwa umdlali kule ndumezelu.

IPirates yona ngeke isayithola imali ebalelewa ngaphezu kuka-R2-million ebizoyithola ngokuba nomdlali kule Ndebe yoMhlaba.

Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa ihlomulisa wonke amaqembu anomdlali kule mqhudelwano ngo-$10 000 ngosuku nosuku umdlali ekhona.

AbeGhana kulindeleke bahlale okungenani izinsuku ezingu-15 kulo mqhudelwano uma kungukuthi bayahluleka ukudlulela esigabeni somkhumulajezi.

FUNDA NALA: UNgcobo weChiefs uthi ukudlala kahle bengenandebe akusho lutho

Bekungakacaci ke ukuthi iPirates izombuyisa yini lo nozinti ukuthi ezokwelashelwa kuleli ukuze kuthi uma kubuya imidlalo yeligi abe esekulungele ukudlala.

Abanye babheke ukuthi iPirates ithungathe omunye unozinti osezingeni ngoba lo nozinti waseGhana uselimala njalo ekubeni uSiyabonga Mpontshane naye usenamaphutha amaningi.

Iminyaka ke seyivele iyamphika uMpontshane. IPirates isayine uSipho Chaine obekwiChippa United kodwa kuvela ukuthi sengathi akekho ezingeni elifanele kuleli qembu.

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *