IPirates iqophe irekhodi elisha kweyamanqamu yeCAF

Sihle Ndlovu

I-Orlando Pirates izoba yiqembu lokuqala laseNingizimu Afrika ukudlala kweyamanqamu emine ehlukene engaphansi kweConfederation of African Football (CAF).

EZimnyama ziqinisekise lokhu ngesikhathi zizibekisela indawo kowamanqamu weCAF Confederation Cup, yize ishaywe yi-Al Ahli Tripoli yaseLibya ngo 1-0 emlenzeni wesibili e-Orlando Stadium, ngeSonto.  Umdlalo ugcine uphele ngo 2-1 uma sekuhlanganiswa nomlenze wokuqala lapho iBucs iwine ngo 2-0 ekuhambeni.

IPirates inomlando omuhle emidlalweni yeCAF njengoba ike yawina iChampions League ngo-1995. Ngo-2013 izamile ukuphinde iwine lo mqhudelwano kodwa yashaywa kowamanqamu.

Kuke kwadlula iminyaka iBucs ingayi kweyeCAF kodwa ngo-2015 yazithola ikowamanqamu weConfederation Cup. Nokho nalapho ibuye ilambatha njengoba ihlulekile ukuwina indebe.

IPirates izolibangisa eNigeria kuleli sonto eliqalayo lapho iyodlala khona owamanqamu weConfederation Cup ngoLwesihlanu (Meyi 1). Lokhu kwenze ukuthi ingakwazi ukudlala imidlalo yayo yeligi.

Imidlalo yeDStv Premiership izophethwa ngoMeyi 21 kodwa iBucs ngeke ibe ingxenye yayo njengoba izodlala owamanqamu ngoLwesihlanu. Lokhu kuchaza ukuthi isizini izogoqwa kodwa iPirates iyoze iqedele imidlalo yayo emithathu ngemuva kwempelasonto ezayo.

Emdlalweni wayizolo  kube yi-Al Ahli edlale kahle esiwombeni sokuqala icindeza iBucs. Leli qembu laseLibya like lathola nephenathi abeseyikhombe emlotheni unompempe kodwa waphikiswa yiVAR.

Ngesiwombe sesibili bese kubhoke iPirates ebibukeka iyingozi uma iphethe ibhola. Nokho konke ukudlasela kwayo bekugcina ngokuthi ishwebe uma sekumele ishaye igoli.

Igoli ligcine lishaywe yi-Al Ahli ngomzuzu ka-89 kanti lize no-Ali  Abu Arqoub. Umdlalo uphele selimincile ibhentshi leBucs sezihlasela ngamandla izivakashi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *