IPirates isebenzise isisoka ixosha uDavids, imncomele ilutho afika nayo

IPirates isebenzise isisoka ixosha uDavids, imncomele ilutho afika nayo
OkaDonga Gumbi 

I-Orlando Pirates isebenzise isisoka esitatimendeni esikhiphile imemezela ukuthi seyiyamxosha uFadlu Davids obeqeqesha ngokunbambisana noMandla Ncikazi kuleli qembu.

UDavids wafika kwiPirates ngo-2019 kodwa akukho alisize ngakho leli qembu njengoba liqhubeka nokufathuza, liphuma impi kamabuyaze ngapha nangapha.

UDavids wafika ezoba yisekela lomqeqeshi ngesikhathi sikaMicho Sredojevic njengoba esehlale iminyaka emine yonke nje.

Kule sizini esanda kuphela ubeqeqesha ngokubambisana noNcikazi kulandela ukushiya phansi kukaJosef Zinnbauer ekuqaleni kwesizini.

FUNDA NALA: Inxano lixoshise uZuma kwiChiefs egcine ihlulekile ukumbekezelela

IPirates ibe seyisebenzisa isisoka ibonga lo mqeqeshi yize ebeyidayisela ilutho yonke le minyaka ekhona.

“I-Orlando Pirates isingakuqinisekisa ukuthi sekuhlukane izindlela kuyo nomqeqeshi uFadlu Davids.

“UDavids – oneminyaka engu-41 wafika kuleli qembu ngo-2019 eyiphini lomqeqeshi uzoshiya kuleli qembu ekupheleni kwale nyanga (uJuni) njengoba kuphela inkontileka yakhe.

“Ubehlezi angumuntu owuhloniphayo umsebenzi wakhe futhi eziphatha kahle kanti uhamba nje ushiye igama elihle njengoba imisebenzi yakhe ubeyenza ngokuzinikela,” kubeka iPirates kulesi sitatimende sayo.

Iphinde yaveza ukuthi kuzohamba nobengumhlaziyi kuleli qembu uDarian Wilken osefuna ukungena ekuqeqesheni ngokugcwele.

“UWilken useveze isifiso sakhe sokungena emkhakheni wokuqeqesha ngokugcwele okuyinto iqembu eliyihloniphayo futhi elimesekayo kuyo.

“Akungabazeki ukuthi usazoba yisihlabani ebholeni laseNingizimu Afrika ngelinye ilanga,” kuqhubeka iPirates ibeka isisoka ngokuxosha kwayo laba.

Nokho abalandeli abenelisekile njengoba abanye babo bebuza ukuthi uNcikazi yena ushiyelwani ngoba abakuboni afike nakho.

Nokho Impempe isanda kubika ukuthi uNcikazi angase anikwe lesi sikhundla ebesiphethwe nguStanley “Screamer” Tshabalala phambili sokweluleka usihlalo weqembu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.