IPirates ishaye iSwallows engenamqeqeshi kowePremiership

Sihle Ndlovu

Umdlalo we-Orlando Pirates neSwallows FC uqale kuvele kunemibuzo yokuthi baphi abaqeqeshi baleli qembu.

Kulo mdlalo uhla lukhombise ukuthi uMusa Nyatama uyena umqeqeshi, bengabonwa nangokhalo oDylan Kerr noFani Madide. Kuvele ukuthi uKerr akayo imvume yokusebenza kuleli kanti uMadide akaziwa nokuthi ukuziphi izinkalo.

Umdlalo bewuphethwe yiBhakabhaka futhi akumangazanga ngesikhathi u-Eva Nga eshaya igoli ngomzuzu weshumi umdlalo uqalile. IBucs ebeyiholwa ukaputeni omusha u-Innocent Maela ibhishibilika nje iliphaka kubonakale.

Njangamanje kubukeka kunezinkinga kwiZinyoni ezivele ziqede isizini zigaqa ngamadolo, zazicisho zadliwa yizembe.

Abacabanga ukuthi iMamelodi Sundowns izovele ishibilike nje idle isicoco seligi kume bayibuke kahle iPirates ngendlela enyathela ngayo isuka emuva iya phambili. Kulokhu kuvuke ngisho uThembinkosi Lorch abahlale bemsola ngokuthi uyapetsa ngoba nakhu elazi ibhola.

Ukuwina kweBucs kuyibeka endaweni ekahle futhi kuyinika ukuzethemba njengoba isizini isanda kuqala. Abanye bangathi ishaye iZinyoni zingenaye umqeqeshi njengoba bekomile ebhentshini leSwayiwayi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.