IPirates isheshe yaqeda ngeCitizens ‘ebisatshwa’

Abadlali be-Orlando Pirates bejabulela igoli lokuqala beshaya iCape Town City koweDStv Premiership

OKADONGA GUMBI

Beyisabisa indlela ebiwashaya ngayo amagoli iCape Town City ngaphambi komdlalo wayo weDStv Premiership ne-Orlando Pirates kodwa ishaye udaka e-Orlando Stadium, ifakwa uswazi luka 2-0 ngoLwesibili.

ICitizens iye kulo mdlalo imisila ibheke ezulwini ngemuva kokubhaxabula kanzima ngo 4-0 iBloemfontein Celtic ngempelasonto kodwa yafika umpompi wamagoli uvaliwe kwiBucs.

Mhlawumbe kumele kuvele nokuthi iBhakaBhaka lidlale kangcono kakhulu kunendlela ebelenza ngayo emidlalweni yalo emithathu edlule.

IBucs isheshe yakwenza lokhu obekuyihlula emidlalweni yayo edlule ishaya igoli kungakahlangani ngisho umzuzu umdlalo uqalile, uDeon Hotto enamathisela enethini ibhola aliphaselwe kamnandi nguFortune Makaringe.

Ngomzuzu wesine, iPirates ibisihamba phambili ngamagoli amabili ngemuva kokuthi uVincent Pule ebeke enethini ibhola aligotshelwe nguThembinkosi Lorch.

Ibe nenkinga nokho iBucs ngomzuzu ka-26 abadlali bayo oThabang Monare noSiphesihle Ndlovu beshayisana ngamakhanda balimazana. Kuke kwamiwa isikhashana besalashwa.

Kodwa bakwazile ukubuya baqhubeke nomdlalo, uNdlovu ubesebhandishwe ikhanda lonke. Ngemuva komzuzu ebuyile enkundleni, uMonare ungqofe ibhola qede wahlala phansi kwacaca ukuthi kumele akhishwe. Kungene uLinda Mntambo endaweni yakhe.

Ngokuhamba komdlalo iCity ibuye yawubamba umgqigqo futhi isiwombe sokuqala siphele sekuyiyo ephethe umdlalo kodwa ayikwazanga ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli.

IPirates icishe yalithola elesithathu ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, kodwa yahluleka ukuthi ibhola ligcine ngokuqabula inethi. ICity yiyo ebisaphethe umdlalo kodwa ifice ingekho indlela yokudlula odongeni lwasemuva lweBhakaBhaka.

Empeleni nje, yize beyihlasela iphindelela iCitizens kodwa beyigcina ingafikanga kuRichard Ofori obesezintini zeBucs. Eqinisweni nje, yiPirates eyakhe amathuba angcono esiwombeni sesibili futhi bekumele ilithole elesithathu.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *