IPirates ishiye kucime izibani eLibya izibeka ethubeni lowamanqamu

IPirates ishiye kucime izibani eLibya izibeka ethubeni lowamanqamu
OkaDonga Gumbi

Seyingaziyekela yona nje i-Orlando Pirates ukudlulela kowamanqamu kwiCaf Confederation Cup.

Leli qembu laseSoweto lizibeke ethubeni elihle lokungena kowamanqamu lishayela i-Al Ahly Tripoli ekhaya eLibya ngeSonto kusihlwa.

Njengoba iwine ngo 2-0 nje ekuhambeni, iPirates seyidinga ukungahlulwa uma seyisekhaya ngeSonto elizayo e-Orlando Stadium.

IPirates isheshe yazihlisela umthwalo ishaya igoli ngomzuzu wesishiyagalombili. U-Innocent Maela uzithole esendaweni enhle kade kuyikhona.

Ibhola livele labuyela kuye kade izama ukulikhipha i-Al Ahly, wabe esevele elinamathisela enethini enika iPirates ithuba lokukhululeka, idlale ngendlela efisa ngayo.

Ubungalindela ukuthi ibe seyiyohlala emuva iPirates kwazise beyisekuhambeni, kodwa akuzange kube njalo njengoba beyiqhubeka nokuhlasela.

Kuthe ngomzuzu ka-29, yalithola elesibili ngesikhathi uGoodman Mosele ehlangana nebhola ebeligotshwe uKwame Peprah qede walinamathisela enethinini.

UBandile Shandu uyeke elilula ithuba lokushaya igoli lesithathu lePirates sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini.

Uthole ibhola ephambi kwepali, kodwa cishe uvele wathuka ebona engamakwe muntu, wavele watatazela wathi uyakhahlela walibhamuza phezu kwepali.

FUNDA NALA: IChiefs iyeke ukuzitamuzela amaphuzu kwiSundowns seyivumile

Nasesiwombeni sesibili iPirates iyona ebibonakala idlala kangcono futhi yakha namathuba angcono – empeleni nje bekumele ilithole elinye igoli.

Kuthe sekusele imizuzu engaphansi kweyishumi umdlalo uphele, kwaba nenkinga yezibani kule nkundla njengoba bezilokhu zicisha.

Ngeke ke wazi noma bekwenziwa ngamabomu yini ngoba sekubonakala ukuthi eZimnyama sezifike zawugebhula umhlaba we-Al Ahly.

Yize bese kulokhu kumiwa, kubuye kuqhutshekwe ngenxa yale nkinga yezibani, umdlalo ugcine uqedeliwe yaphuma ihleka yoDwa iPirates.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.