IPirates isidalule ebasayinile nabahambayo, uNcikazi akayi ndawo

IPirates isidalule ebasayinile nabahambayo, uNcikazi akayi ndawo
Ubienvenu Eva Nga osezogijima kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo
Sbongs Gumbi

I-Orlando Pirates seyiqinisekise abadlali abane esibasayinile ukwengeza kwababili ebamemezele ngeviki elidlule, kanti sekuvele nokuthi umqeqeshi uMandla Ncikazi akayi ndawo.

EZimnyama zimemezele o-Evidence Makgopa, Bienvenu Eva Nga, Miguel Timm no-Azola Matrose ukuthi bazobe begijima kuyo ngesizini ezayo.

UMakgopa ubekwiBaroka FC, uNga ubekwiChippa United, uTimm ubekwiMarumo Gallants kanti uMatrose ubekwiChippa United.

Ngeviki eledlule yethule oNkosinathi Sibisi noTapelo Xoki njengabadlali bayo yabe seyiveza ukuthi idedele uGabadinho Mhango ukuthi aye kuMaZulu FC.

Kwabadedeliwe ngoKwanda Mngonyama , Abel Mabaso, Justice Chabalala, Elson Sithole, Wayne Sandilands noThabang Monare.

Nokho uSandilands cishe usazobuya njengoba iPirates iveze ukuthi kusaxoxiswana naye ngokuthi anikwe omunye umsebenzi.

Kuyinto eyaziwayo nekade ke yayibikwa ukuthi angase afakwe ethimbeni labaqeqeshi ngenhloso yokuthi acije onozinti.

Kade eyingxenye yezifundo zabaqeqeshi bonozinti ebeziseSafa Technical Centre muva nje la bekukhona no-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs.

FUNDA NALA: UMotswari upokelwa yimisebenzi yakhe emibi njengoba engase axoshwe kwiPirates

“Inkontileka kaSandilands iyaphela ngoJuni 30 futhi ngeke isavuselelwa kodwa abaphathi beqembu basaxoxisana ngokumnika omunye umsebenzi eqenjini.

“Iqembu lingakuqinisekisa nokuthi izingxoxo zokuvuselela inkontileka noMonare aziphumelelanga njengoba kungavunyelwananga.

“Iqembu lifisela bonke laba badlali abahambayo okuhle lapho bezoya khona,” ibhale kanje iPirates esitatimendeni esifake kwi-website yayo.

Impempe isanda kubika nokuthi noBen Motswari angase abalandele maduze laba abahambayo njengoba kusaxoxwa naye.

Kwenzeka konke lokhu nje abalandeli babheke ukuzwa ngendaba yomqeqeshi uNcikazi kodwa osekuvelile wukuthi usazohlala kuleli qembu.

Okungakacaci wukuthi uzoqokwa njengomqeqeshi ngokugcwele noma uzoqhubeka nokuba yiphini kulandwe omunye umqeqeshi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.