IPirates isiyakwazi ukuwina izindebe, kusho uJele

UHappy Jele

OKADONGA GUMBI

Unethemba elikhulu uHappy “Magents” Jele lokuthi i-Orlando Pirates izoze iyongena kowamanqamu kwiCaf Confederation Cup.

IPiratesisele kancane ukuthi ingene emzuliswaneni womkhumulajezi kulo mqhudelwano njengoba isendaweni yesibili kuGroup A ngamaphuzu amahlanu ngemuva kwemidlalo emithathu.

Ingalala seyiqhwakele ngeSonto uma ingashaya i-Al-Ahly Benghazi yaseLibya abazobhekana nayo e-Orlando Stadium ngo 6 kusihlwa – kodwa lokho kuncike ekutheni i-Enyimba, okuyiyo eqhwakele kuleli qoqo, yona yenza njani kwi-ES Setif emdlalweni ozoqala ngo 9 ebusuku.

IBucs iyona yodwa engakayitholi induku keleli qoqo, okuyinto eyenza uJele abe nethemba elikhulu ngeke balephule leli rekhodi labo elihle.

“Singahamba size sifike kowamanqamu,” kuwo uJele ngokuzethemba. “Sineqembu elihle kakhulu, wonke umdlali useyazi ukuthi ziwinwa kanjani izindebe.

“Lokho kuyabonakala endleleni esidlala ngayo kulo mqhudelwano, bawakhipha wonke amangwevu futhi bayesekana kakhulu.

“Irekhodi lethu liyakuveza ukuthi asikaze sehkulwe ekuhambeni, kanti ekhaya sisayiwine yonke imidlalo. Lokho kukubeka obala ukuthi bengakwazi ukufika kowamanqamu,” kuchaza uJele ongukaputeni kwiBucs.

Nokho uthi akufanele basheshe baqale ukucabanga ngowamanqamu ngoba lokho kungabathikameza kulo msebenzi ababhekene nawo manje wokudlula esigabeni samaqoqo.

“Kumele siqale ngokuthi silwe kule mpelasonto, nakule midlalo elandelayo ukuze sifike emzuliswaneni olandelayo.

“Yilokho okubalulekile njengananje – asingakhulumi ngowamanqamu okwamanje. Engingakusho kodwa ukuthi sinawo amava okufika kowamanqamu,” kusho yena.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.