IPirates isoleka emaqenjini acathamela iphini likaMosimane

IPirates isoleka emaqenjini acathamela iphini likaMosimane
UCavin Johnson
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi kunamaqembu amathathu ashela uCavin Johnson oyiphini likaPitso Mosimane kwi-Al Ahly yase-Egypt.

Ngokuthola kweMpempe, mathathu amaqembu adlala ezigabeni ezehlukene zePremier Soccer League ahalela lo mqeqeshi.

UJohnson wathathwa uMosimane wahamba naye kulandela ukuthi kwabe sekuphele izinyangana engasebenzi ndawo.

Lokhu kwakulandela ukuthi ayexoshwe kuMaZulu FC nakwiBlack Leopards ngesizini eyodwa ngonyaka odlule.

Usewine izicoco ezimbili zeligi neCAF Champions League kusukela afika kwi-Al Ahly. Umthombo osondelene nalo mqeqeshi uthe kunesinqumo esinzima esimhlelele.

“Uxakekile ngoba phela naye uyafisa ukuphinde azimele njengomqeqeshi, akwazi ukuzibonakalisa engacashile ngomunye.

“Kodwa uma enquma ukwamukela umsebenzi kuleli, kuzosho ukuthi ushiya uPitso yedwa le e-Egypt.

“Noma engamthola omunye umqeqeshi uPitso kodwa ubudlelwano asebenabo noJohnson sebuqine kakhulu.

“Yilokho okungase kube yinkinga kuye okwamanje,” kusho lo mthombo osidonse ngendlebe ukuthi singalinge silivele igama lawo.

Wenqabile nokusivezela amagama alamaqembu othi afuna uJohnson phansi phezulu. Kodwa uveze ukuthi elinye lawo lidlala kwiGladAfrica Championship.

“Kahle kahle mathathu amaqembu amshelayo. Amabili adlala kwiDStv Premiership, bese elinye libe kwiGladAfrica Championship.

FUNDA NALA: Licishe layidumaza iSundowns Ladies iqembu laseZambia

“Okwamanje kungabe ngiyaganga uma ngiveza amagama awo ngoba phela kusaxoxwa futhi anabo abantu abasebenza kuwo njengamanje.

“UJohnson ungumuntu obahloniphayo abanye abaqeqeshi. Ngakho ngeke athande ukuba kuzwakale ukuthi sebehlaliseke kabi ngenxa yakhe,” kuchaza lo mthombo.

Nokho Impempe ithe uma isilandelisisa nakweminye imothombo kwavela ukuthi iPirates ingenye yaamaqembu okuthiwa ashela uJohnson.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.