IPirates ithi akukho phuzu elizophuma nezimbangi e-Orlando kweyeCAF

UJosef Zinnbauer ocija i-Orlando Pirates

OKADONGA GUMBI
Ayizuvuma ukwenziwa iminqolo ngokuthi iphucwe amaphuzu isekhaya i-Orlando Pirates uma seyibhekene nezigansonso zaseNigeria, i-Enyimba emdlalweni weCAF Confederation Cup ngoLwesithathu ngo 6 kusihlwa.
EzikaMagebhula zizobe zidlala umdlalo wazo wesibili esigabeni samaqoqo la ziqhathwe khona kuGroup B ne-Enyimba, ES Setif yase-Algeria ne-Al-Ahly yaseLiberia.
Iwuqale kahle umkhankaso wayo ithola iphuzu ekuhambeni ibhekene neSetif emdlalweni owadlalelwa eGhana ngenxa yemithetho yeCovid-19 evimbela amaqembu akuleli ukungena e-Algeria.
Uma ingawina ngoLwesithathu kulo mdlalo ose-Orlando Stadium, iBucs ingagxumela eqhulwini kuleli qoqo ngoba ingaba namaphuzu amane.
I-Enyimba iyona ezihola phambili ngemuva kokushaya i-Al-Ahly emdlalweni wayo wokuqala esigabeni samaqoqo. Ilandelwa yiPirates neSetif abanephuzu elinye iqembu ngalinye bese kuvala i-Al-Ahly.
Umqeqeshi wePirates, uJosef Zinnbauer, uthe njengoba bezobe besenkundleni abayijwayele nje akumele benze iphutha, kufanele bawagcine womathathu amaphuzu.
“Bekuyindlela ende le ebesiyihambile, futhi abadlali babuye bekhathele,” kuchaza uZinnbauer ngohambo lwaseGhana ngeviki elidlule.
“Kodwa izolo ejimini bebebukeka bengcono. Sibe nonyawo oluhle ekuhambeni, sabuya nephuzu ezimweni ezingezinhle okubalwa kuzo nesenkundla,” kuchaza yena.
“Wumdlalo wethu lona, sisekhaya. Sisenkundleni esiyijwayele nesiyazi kahle.
“Okubalulekile ukuthi siqinise kwesikwenza kahle ngoba yithuba elihle leli lokuqoqa amaphuzu agcwele.”
Uthe akubakhathazi ukuthi kumele nakanjani bawole amaphuzu aphelele uma besekhaya ngoba kunzima satshe ukuwathola ekuhambeni kule miqhudelwano yeCAF.
“Kuhlale kunengcindezi yokuthola umphumela omuhle uma useqnjini elikhulu njengePirates, kungaba ungumdlali noma ungumqeqeshi. Kodwa yingcindezi esiyidingayo lena.
“Isinika umfutho wokuthi sifune ukuwola amaphuzu agcwele ngaso sonke isikhathi. Amaqembu esidlala nawo makhulu nawo emazweni awo kanti kumele siwakhombise ukuthi nathi sibakhulu,” kusho lo mqeqeshi waseGermany.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *