IPirates iwafuna egcwele amaphuzu ‘ekuhambeni’

IPirates iwafuna egcwele amaphuzu 'ekuhambeni'
UGabadinho MHango noGoodman Mosele
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates izoyisebenzisa inhlanhla yayo yokuthi idlalele umdlalo wayo wasekuhambeni kwiCaf Cofederation Cup ekhaya.

IPirates izogadulisana neRoyal Leopard yaseSwatini eMbombela Stadium eMpumalanga ngeSonto ngo-9 ebusuku.

Leli qembu laseSwatini liphoqeleke ukuyidlalela eNingizimu Afrika imidlalo yalo yasekhaya ngenxa yokungaphasi kwezinkundla zangakubo ukuthi kudlalelwe kuzo imidlalo yeCaf.

Umqeqeshi wePirates uFadlu Davids uthi bafuna ukuwaqoqa wonke amaphuzu kulo mdlalo wasekuhambeni kodwa osekhaya.

“Sinemidlalo emibili yasekuhambeni elandelanayo… Lo obuseLibya awuhambanga ngendlela ebesihlele ngayo njengoba sahlulwa,” kusho uDavids.

FUNDA NALA: UBaxter usale enconcoza ezakhe ziwina sekuvalwe amehlo

“Kodwa manje sesinethuba lokulungisa lokho njengoba nsinomunye umdlalo esizowuthatha njengowasekhaya, sifuna amaphuzu amathathu kuwo.

“Asiyi emdlalweni ngenhloso yokuthi sifuna iphuzu elilodwa (ngoba sisekuhambeni) kodwa sifuna ukubuyela esicongweni seqoqo lethu ngokuthi siwine lo mdlalo,” kusho uDavids.

IPirates iphezulu kuGroup B kanti inamaphuzu amathathu okungalinganayo ne-Al Ittihad neJS Saura abengemuva kwayo.

ILeopard iyona kuphela engakabi naphuzu kumaqembu akuleli qoqo kodwa isilele emuva ngomdlalo owodwa. Ne-Al Ittihad nayo isilele ngowodwa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.