IPirates iwuqale kahle ngewini umkhankaso wayo kwiCAF Confederation Cup

OkaDonga Gumbi
Ibe nonyawo oluhle i-Orlando Pirates yehlula iSegrada Esparanca ngo 1-0 emdlalweni wayo wokuqala kwiCAF Confederation Cup ngoLwesibili ntambama.
AmaBhakaBhaka angene kulo mqhudelwano ngokuqeda endaweni yesithathu kwiligi, kanti aphelezelwa yiBlomfontein Celtic yaseNingizimu Afrika kuwona, kulandela ukwehlulwa kwayo (yiBucs) kowamanqamu weNedbank Cup.
IMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs bona bayibambe kwiCAF Champions League.
IPirates seyike yacishe yawuwina lo mqhudelwano kodwa yehluleka kowamanqamu ngesikhathi isaqeqeshwa ngu-Eric Tinkler.
Ezimnyama ziwuqale ngeqembu elingaqinile kakhulu lo mdlalo njengoba izethenjwa ezifana noBen Mothswari, Deon Hotto no-Innocent Maela, bezisebentshini, endaweni yazo kudlala oLinda Mntambo, Siphesihle Ndlovu noBongani Sam, obeboshelwe maphakathi nenkundla ekubeni ejwayeleke kwesokunxele.
Umdlalo ziwuqale kahle ezikaJosef Zinnbauer futhi kubonakala ukuthi zizodlula. Nokho ne-Esparanca beyibukhombisa ubungozi bayo, futhi icishe yayijikela esiswini njengotshwala iBucs.
IPirates ibisizenzela ngesiwombe sesibili futhi ukube amathuba iwasebenzise ngendlela, ngabe iwine ngembudlu.
Nokho igcine ilitholile igoli elibalulekile nelibabeka endaweni engcono ngaphambi kowomlenze sesibili. Ilishaye seliyoshona igoli kulo mdlalo kanti liqhamuke ngonyawo lukaThembinkosi Lorch ngomzuzu ka-74.
Umdlalo womlenze wesibili uzoba ngoJanuwari 6, ekhaya leBhakaBhaka, e-Orlando Stadium. Ngaphambi kwalokho inomdlalo onzima neMamelodi Sundowns ngaphansi kweDStv Premiership, ngoJanuwari 2.