IPirates iwuqedile umsebenzi kwesamaqoqo, isibheke okulandelayo

IPirates iwuqedile umsebenzi kwesamaqoqo, isibheke okulandelayo
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates iwuqedile umsebenzi esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup kanti manje seyibheke ukuthi izobhekana naliphi iqembu esigabeni somkhumulajezi.

Lokhu kulandela ukuthi ishaye iJS Saoura ngo 2-0 ekuhambeni ngeSonto kusihlwa ukuqinisekisa ukuthi iyadlula esigabeni samaqoqo.

IPirates seyinamaphuzu angu-12 kanti wonke amaqembu asesele nomdlalo owodwa. Noma ingahlulwa emdlalweni wokugcina ngeke kusasho lutho.

Umdlalo uqale zihubhana mawala okwenze ukuthi ugcine ungaqondakali ukuthi ubhekephi njengoba lingekho iqembu ebeligcina ibhola.

Ithuba lokuqala elicacile lize laqhamuka ngomzuzu ka-16 kuba ngeleqembu lasekhaya kodwa nakhona balibhamuza phezu kwepali ibhola.

Ngomzuzu ka-35 u-Ismail Saadiubethi uyaqeda ngoRichard Ofori kodwa lo nozinti wanqaba, elichithela eceleni ibhola lakhe.

Kuze kwayiwa ekhefini zilokhu zisahubhana kodwa kungacaci ukuthi bhola lini leli elidlalwayo.

IPirates ibekelwe ibhol phansi ngomzuzu ka-49, libe seligotshwa uDeon Hotto, walibeka ekhanda likaNtsikelelo Nyauza obe eselingqofela enethini.

Emizuzwini emibili ukusuka lapho, iPirates beyisihamba phambili ngo 2-0 kulandela ukuthi uKabelo Dlamini ebekelwe ibhola elihle uBandile Shandu, wabhekana ngqo nonozinti.

Akabange esalenza iphutha waliphambanisa naye esathi uyaphuma uzozama ukulivimba. IPirates ibe seyiqala izama amaqhinga okumosha isikhathi.

Akuyihambelanga kahle njengoba ngomzuzu ka-76 uGoodman Mosele ethole ikhadi lesibili eliphuzi ngemuva kokuziwisa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.