IPirates iyijikele seyithembile iChippa isifaka isibhaxu esibi

iPirates
UPaseka Mako noRiaan Hanamub
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ithele kamuva i-Orlando Pirates ishaya iChippa United ngo 3-1 emdlalweni weDStv Premiership, eNelson Mandela Stadium ngoMgqibelo ntambama.

IPirates ayiqalanga neze kahle njengoba ibikhombisa ukuxega kakhulu emuva. Bekubonakala beshayisana abadlali bayo basemuva ikakhulukazi ukaputeni uHappy Jele noThulani Hlatshwayo.

Lokhu kushayisanana kugcine kuyenzile ingozi ngomzuzu ka-12 ngesikhathi uPhakamani Mahlambi eshaya igoli lakhe lokuqala egqoke imibala yeChilli Boys.

UMahlambi ubethole iphasi enhle ebivela kuThokozani Sekotlong obeyiphela endlebeni kwizitobha zeBucs.

Ngemuva kwaleli goli ithande ukuvuka iBucs. UVincent Pule uyena obeselibamba kangcono ngasohlangothini lwesokunxele, ezama ukuvula izikhala.

Lokhu bekuphoqa iChippa ukuthi idlalele emuva. Ngomzuzu ka-29 uPule ube nesandla ekutheni iBucs ithole igoli lokulinganisa.

Ushaye ibhola langena ebhokisini, lafica uTshegofatso Mabasa olibeke enethini.

Bekumele ziye ekhefini iChilli Boys ihamba phambili ngo 2-1 kodwa uMahlambi wageja imbuzi yegoli ephakathi ebhokisini ngomzuzu ka-43.

Isiwombe sesibili siqale zithengana kodwa bekucaca ukuthi ozokwenza iphutha uzohlawula kanzima.

Amaqembu womabili abefuna igoli lokuwina, kanti lokhu bekuyingozi uma ehlasela kakhulu bese elahlekelwa yibhola kuvulekile emuva.

Kwenzekile lokho ngomzuzu ka-59 ngesikhathi uMahlambi ephucwa ibhola ngaphandle kwebhokisi lePirates.

EZimnyama zinqamule nalo zalidweba ngokubambisana waze walibeka phakathi u-Abel Mabaso.

Lokhu kubukeke kumcanula kakhulu umqeqeshi weChippa uGavin Hunt, obevele engajabulanga ngokungena kwegoli lokulinganisa.

Ngalesi sikhathi iPirates iyona ebisiphethe umdlalo futhi sekucaca ukuthi ifuna ukubuyela nawo eSoweto wonke amaphuzu.

FUNDA NALA: U-Eymael usemizamweni yokubuya eNingizimu Afrika

Ukucindezela kweChippa izama ukuthola igoli lokulinganisa kwenze yavuleka emuva. Ngomzuzu ka-73 uGoodman Mosele ushaye igoli lesithathu lePirates kwacaca ukuthi kuyakhanya kweZimnyama.

Ukuwina kweBucs kuyibeke esicongweni ngaphambi komdlalo womkhaya phakathi kweStellenbosch FC neCape Town City, obuzoqala ngo-5.

Nokho kumele ukuthi benesilisekile abaqeqeshi beBucs, uMandla Ncikazi noFadlu Davids ngendlela elidlale ngayo iqembu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.