IPirates iyikhiphe inkani iSauora iqoqa amaphuzu agcwele

IPirates iyikhiphe inkani iSauora iqoqa amaphuzu agcwele
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates ikhombise ukuthi iya ngokuba yiqembu eliqinile ngesikhathi ivova inkani iJuenese Sportive de la Saoura e-Orlando Stadium ngeSonto kusihlwa.

IPirates ilishaye ngo 2-0 leli qembu lase-Alageria elizame wonke amaqhinga kodwa laze lagcina liyidelile inkani.

La maqembu abegadulisana emdlalweni kaGroup B weCaf Confederation Cup womabili ebheke ukuqala kahle kulesi sigaba.

IPirates isheshe yazibeka ebuhleni kulo mdlalo. Bekungumzuzu wesithathu ngesikhathi ibekelwa ibhola phansi kulandela ukudlaliswa kabi kukaKwame Peprah.

Ithathwe uThembinkosi Lorch waligoba lawela kuGoodman Mosele othe olivalela enethini walivimba unozinti.

Nokho ube nebhadi ngoba ulichilizele phambi kukaHappy Jele obe eselinamathisela kwaba wukuhamba phambili kweZimnyama.

Ayizange iyeke ke iPirates ukucindezela ngemuva kwaleli goli njengoba beyibonakala ukuthi ifuna amanye amaningi futhi kucaca azovela.

Ngomzuzu ka-11 neSaoura ibekelwe ibhola endaweni enhle kulandela ukudlala kabi kukaBandile Shandu kodwa badlala ngalo lelo bhola.

Ngemuva kwalokhu umfutho womdlalo ube sewubuyela ngakwiSaoura njengoba bese kuyiyo elibona kakhulu ibhola.

FUNDA NALA: IGallants izidlulele kalula kwiSantos koweNedbank Cup

Ngomzuzu ka-16 uHamidi ubethi uyaqeda ngoSiyabonga Mpontshane ededela udalimede ekude kodwa wamfica engxamile lo ozinti, walichitha lelo bhola.

Esiwombeni sesibili iPirates beyisithwaliswe uthayela emoyeni kodwa into ebiyenza kahle wukungavuli emuva kanti nayo beyizama ukuya phambili kodwa ifice sekugqojiwe.

Igcine ikwazile ukugqobhoza ngomzuzu ka-65 ngesikhathi uDeon Hotto egoba ibhola kwesokunxele, lafica uShandu walinamathisela enethini.

Le wini iyithathe yayibeka phezulu kuleli qoqo layo iPirates nokho lawa amanye amaqembu eqoqweni lawo awakayiqali wona le midlalo.

Izobuyela enkundleni kulo mqhudelwano ngeSonto elizayo la izobhekana khona ne-Al-Ittihad eLibya.

Kodwa ngaphambi kwalokho izobhekana neGolden Arrows ngoLwesithathu emdlalweni weDStv Premiership khona e-Orlando Stadium.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.