IPirates iyiThwihlize sakuyiThwahlaza iRoyal AM yaqeda nerekhodi layo

Sihle Ngubo

I-Orlando Pirates ibe yiqembu lokuqala eliqinisekise ukuthi iRoyal AM ishaywa kabili kulandelana selokhu ifikile ezingeni eliphezulu iDStv Premiership ngesizini edlule.

IBucs iyiThwihlize sakuyiThwahlaza iRoyal AM emdlalwnei wePremiership, iyishaya ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesithathu ebusuku. IThwihli Thwahla ifike kwiPremiership ngesizini edlule, kanti ibingakuvumeli kalula ukushayelwa ekhaya eChatsworth Stadium, lapho idlalela khona eminye imidlalo yayo yasekhaya.

Empeleni leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize lishaywe kabili kuphela ekhaya ngesizini edlule. Kube yiCape Town City neMamelodi Sundowns abakwaze ukuntshontsha amaphuzu aphelele kwiThwihli Thwahla ngesizini edlule.

Ngaphandle kwalokho leli qembu belingafuni nokudedela amagoli ekhaya njengoba like ladlala amahora angu-12 (ekhaya) lingakaze lilande ibhola enethini yalo ngesizini edlule. Ngaleso sikhathi beliqeqeshwa uJohn Maduma, osekwiMaritzburg United, kanti belikwazi ukubuya noma umdlalo usuyophela lishaye igoli lokulinganisa noma lokuwina kungasalindele muntu.

Ngasohlangothini lwePirates nayo kade yagcina ukushaywa imidlalo ilandelana njengoba leyo kuyinto eyagcina ukwenzeka kuyona ngo-Agasti ka-2018. Beyiye kulo mdlalo ishaywe yiChippa United ngo 1-0 kanti ukushaywa bekungalilimaza leli rekhodi layo elihle.

Nokho eZimnyama zikhethe ukulimaza irekhodi leRoyal AM, amaqembu abebikelwa uma eyobhekana nayo eChatsworth Stadium, ngesizini edlule. Igoli eliweze iPirates ngelibanzi lishaywe uDeon Hotto ngomzuzu ka-34 ngemuva kokuphaselana kamnandi kweBucs ihlasela. Kulo mdlalo uShadrack Kobedi uthole ikhadi elibomvu ngemuva kokunikwa amakhadi aphuzi kabili.

La maqembu asazophinde atholane phezulu emdlalweni we-quarterfinal yeMTN 8 eThekwini. Kuyobe kuyithuba lokuthi iRoyal AM iziphindiselele ngokukhipha iPirates kulo mqhudelwano, kanti iBucs iyobe ifuna ukukhombisa ukuthi yona ayiThwihlizeki kalula noma idlalela eThekwini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *