IPirates iyothwahlaza amaphuzu kwiRoyal AM, kusho uNcikazi

IPirates iyothwahlaza amaphuzu kwiRoyal AM, kusho uNcikazi
UThembinkosi Lorch we-Orlando Pirates okubhekwe aqhubeke nefomu enhle
Sbongs Gumbi

Izinga lokuqina kweRoyal AM yilo elenza iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates uMandla Ncikazi abone bezokwazi ukuthwahlaza bese bebuya bephethe amaphuzu amathathu.

Lamaqembu azoshukana inkani emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu ngo 7.30 ebusuku.

Womabili aya kulo mdlalo nje axovekile emiyeni kulandela induku ayithole ngempelasonto. IBucs ishaywe yiChippa United ekhaya.

IMaMkhize Boys yona ibuye imisila ingaphansi kwemilenze eKapa la ishaywe khona yiStellenbosch kanzinyana.

“Sihlulwe kabuhlungu emdlalweni wethu odlule. Sidlale kahle kodwa amaphuzu asiwatholanga,” kusho uNcikazi ngaphambi kwalo mdlalo.

“Kodwa osekubalulekile manje wukuthi sibheke kwiRoyal AM eyiqembu elihle kakhulu. Kubalulekile ukuthi siqale ukuqoqa amaphuzu.

FUNDA NALA: UParker ubhoboka ngomsebenzi ayetheniswe wona kwiChiefs

“Ukuwina kulo mdlalo kungaba yinto enkulu kakhulu nengasisiza kakhulu,” kuqhuba uNcikazi obengumqeqeshi wePirates ngesizini edlule ngokubambisana noFadlu Davids.

“Mhlawumbe kuyinto enhle ukuthi sibhekane neqembu eliqinile njengeRoyal AM elizosinika inselelo ezosibonisa ukuthi thina siqine kangakanani.

“Yize beyiqembu elihle, kodwa nathi sinawo amandla okuthi singaphuma nawo ephelele amaphuzu kulo mdlalo.”

IRoyal AM inamaphuzu ayisithupha ngemuva kwemidlalo emithathu njengoba isawine emibili, yahlulwa kowodwa.

IPirates yona inamane njengoba isawine kanye, yahlulwa kanye, yadlala ngokulingana kanye kusukela kuqale isizini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *