IPirates izihluntule kabuhlungu izimpiko kwiStellies

IPirates izihluntule kabuhlungu izimpiko kwiStellies
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Iqede nya ngobuntombi beStellenbosch FC i-Orlando Pirates eyibhaxaxule ngo 3-0 eDanie Craven Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

IStellies ibiqala ngqa ukushaywa kule sizini kanti iqhawe lekube uDeon Hotto oshaye amagoli amabili.

IStellies ihlale ihluleka ukushaya amaBhakaniya. Igoli elingena ngomzuzu ka-20 likaCollins Makgoba yililona elenze umehluko kulo mdlalo.

FUNDA NALA: IChiefs naMaZulu bashayane baze babukana

Ngemuva kwalokho kubuye uDeon Hotto oshaye igoli ngomzuzu ka-22.

Uhambile umdlalo zathengana kakhulu kunakuqala. Ibisishasela kakhulu iPirates okwenze ukuthi uHotto ashaye igoli lesibili ngomzuzu ka-48.

IPirates igcine ikwazile ukuwina lo mdlalo ngo 3-0 yahamba namaphuzu amathathu.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *