‘IPirates izodlala ibhola leMan City,’ kusho owazi umqeqeshi wayo omusha

'IPirates izodlala ibhola leMan City,' usho owazi umqeqeshi wayo omusha
UJose Riveiro ozoqeqesha i-Orlando Pirates ngesizini ezayo
Sbongs Gumbi

Ngesikhathi i-Orlando Pirates imemezela umqeqeshi wayo omusha uJose Riveiro abaningi basala bezibuza ukuthi, ‘ubani manje lowo?’.

Abanye bagijimela kwiGoogle beyobheka ukuthi yini abangakuthola ngalo mqeqeshi ongadume ngalutho kodwa luncane ulwazi olukhona ngalo mqeqeshi waseSpain.  

Okutholakalile wukuthi uRiveiro oneminyaka engu-46, uke waqeqesha kwi-Inter Turk FC yaseFinland iminyaka emithathu, kusukela ngo-2019 kuya ku-2021.

Nokho intatheli yaseFinland seyithembise ukuthi iPirates ingase idlale ibhola elifanayo nelidlalwa yiManchester City, yase-England, ngaphansi kukaPep Guardiola.

Ikhuluma nabeSAfm le ntatheli, uMikko Knuuttila, ithe lo mqeqeshi udlala ibhola elijwayeleke emaqenjini elidlalwa aseSpain. told   

“Engingakusho wukuthi ungumqeqeshi omuhle ngamacebo, uphiwe ekuqhamukeni namacebo okudlala amahle,” kusho uKnuuttila. 

“Ungumqeqeshi ongasabi ukujika amacebo akhe. Waqala edlala ngohlelo lwe-4-3-3, wabuye wajika wadlala ngolwe-3-4-3. 

“Uthanda ukudlala ibhola elibekwa phansi kuphaselwane, kuhlaselwe ngendlela ehlelekile kuhanjwa nebhola. Akathandi iqembu lakhe lijahe ukuthumela ibhola phambili. 

“Ngesikhathi efika eFinland, wafika nomgadli futhi kwamsebenzela kahle lokho. Babedlala ibhola emacaleni bese beligoba, lo mgadli alivalele enethini.

“Kodwa akuyona kuphela indlela adlala ngayo leyo – akalithandi ibhola elihamba emoyeni. Uyathanda nokuthi baliqale kahle emuva ibhola. 

“Empeleni nje ufana nabo bonke abaqeqeshi baseSpain. Ungalindela ukuthi adlale ibhola elifanayo nelidlalwa yiMan City.

“Angisho nokho ukuthi usekulelo zinga (likaGuardiola) kodwa yisibonelo nje sendlela athanda ukudlala ngayo. Uzalwa enhla neSpain, ngakho kungenzeka ukuthi akakholelwa ekuhlaseleni ngamawala.” 

Ekhuluma ngohlobo lomuntu anguye lo mqeqeshi, uKnuuttila uthe ungumuntu ozithobile nohlale ekhuluma ngebhola lapho ekhona. 

“Unomoya ophansi kwabezindaba futhi akasheshi ukucasuka. Uyakuthanda ukukhuluma ngebhola. Kodwa ke ingcindezi yalapha (eFinland) incane kuneyakwamanye amazwe.  

“Ngicabanga ukuthi kuzoba yisimo esihlukile eNingizimu Afrika, kumele asheshe ajwayele ingcindezi yabezindaba nabalandeli.

FUNDA NALA: Kuphambana imibono kuMadide nesikhulu seSwallows ngoDylan Kerr

“Iphini lakhe, uSergio Almenara, naye wayelapha naye kwi-FC Inter, umqeqeshi amethembayo. Bakwazi ukufaka leli qembu kwi-Uefa Conference League. 

“Kodwa abazange besahlala kuyo ngoba bahamba beyofuna amathuba nezinselelo ezingcono njengoba manje sebezoba seNingizimu Afrika nje.” 

UKnuuttila uphinde waveza ukuthi yena nozakwabo abayizintatheli zezemidlalo eFinland, bakholwa wukuthi wumsebenzi omkhulu aseke wawuthola lona uRiveiro. 

“Sicabanga ukuthi ngumsebenzi onzima asake wawuthola lona uJose Riveiro. Sonke siyavumelana ngalokho ngoba siyazi ukuthi inkulu kanjani iPirates.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.