IPirates izoqaphisisa emuva uma seyibhekene neStellies ‘ezumanayo’

UWayde Jooste noLinda Mntambo

OKADONGA GUMBI

Libona ingozi embi kwiStellenbosch iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uFadlu Davids njengoba lamaqembu ezogadulisana eDanny Craven Stadium ngoLwesibili ntambama. Umdlalo uqala ngo-5 ntambama.

UDavids uthi ekuyicwaningeni kwabo iStellies bathole ukuthi isheshisa okonyazi ibheke emapalini akho uma ike yakudlela ibhola kade uyicindezele. Uthi yilokhu okumele bakuqaphe.

“Silindele umdlalo onzima kwiStellenbosch. Yize imiphumela ingabavumi, uma ubheka imidlalo yabo kuyavela ukuthi bayiqembu elihleleke kahle, elilolongeke kahle,” kusho uDavids.

“Into abayingozi ngayo kakhulu ijubane. Basebenzisa ijubane ukukuhlasela ngokuzumisa okusheshayo uma beqeda ukuthola ibhola.

“Kumele nakanjani sibahlasele, kodwa sibaqaphe kakhulu ngoba uma beke bakuphuca ibhola bayinkinga. Banabadlali abasheshayo uma kuyiwa phambili,” kuchaza yena.

La maqembu ayawadinga amaphuzu, kodwa ngezizathu ezihlukene. Ipirates iwadingela ukunonkela kwilogi ukuze ibe nethuba lokuqeda ezindaweni zokudlala emiqhudelwaneni yeCAF.

Leli qembu laseSoweto lisendaweni yesine kanti yize ngokwezibalo lisangafika ekuhlwitheni isicoco, akuyona into ebonakala ingenzeka. Angithi ukuze yenzeke kugadingeka ukuba iMamelodi Sundowns ihlulwe kuyo yomine imidlalo eyisalele.

Cishe iBucs seyizolwela ukuzama ukudlula iGolden Arrows naMaZulu FC ukuze iqede endaweni yesibili bese iyodlala kwiCAF Champions League, noma kweyesithathu iyodlala kwiCAF Confederation Cup.

IStellies yona iwadinga ngoba ifuna ukufaka ibanga phakathi kwayo nezindawo zezembe esondelene ngendlela ebucayi kuzo.

“Kuzoba wumdlalo omuhle kwazise ngalesi sikhathi sesizini iphuzu nephuzu libalulekile. Womabili amaqembu azobe ewafuna la amaphuzu. Bafuna ukusuka ngasemsileni, thina sifuna ukusondela phezulu.”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.