IPirates izoyikha ngamafosholo imali ngo-Ofori

IPirates izoyikha ngamasholo imali ngo-Ofori
URichard Ofori we-Orlando Pirates

 

I-Orlando Pirates izohlomula imali engaphezu kuka-R3-million ngonozinti wayo uRichard Ofori eNdebeni yoMhlaba ezoba seQatar ngenyanga ezayo.

Lokhu kuhlaluke ngemuva kokuthi iFifa imemezele ukuthi iqembu elinomdlali kulo mqhudelwano lizonikwa imali elimganiselwa ku-R181 388 ngosuku ngalunye umdlali esekhempini.

U-Ofori nguye isethenjwa eqenjini lesizwe laseGhana iBlack Stars futhi akungabazeki ukuthi uyaya eQatar ngaphandle uma engalimala.

Ukuze iqembu lizuze ngomdlali walo kumele kube usedlale kulo iminyaka engaphezu kwemibili. Lo nozinti waseGhana ufike kwiPirates ngo-2020.

IGhana izohlala izinsuku ezingaphezulu kuka-14 eQatar kanti uma idlula esigabeni samaqoqo nemali yePirates iyokwenyuka ngoba lokho kuyosho ukuthi yengeza elinye iviki.

Le mali ikhokhelwa amaqembu ngenhloso yokuwabonga ngokuvumela abadlali bawo baye emaqenjini esizwe.

IPirates iyona yodwa kuleli ezoba nomdlali eNdebeni yoMhlaba uma u-Ofori egcina ngokuqokwa eqenjini leGhana.

Lokhu kusho ukuthi nePremier Soccer League ayincanyana njengoba izba nomdlali kule ndumezulu yomqhudelwano.

FUNDA NALA: Uqedelwe umfazi ayesemlaxazile umuzi kaSenzo Meyiwa

IGhana iqhathwe kuGroup H nePortugal, Uruguay neKorea Republic. Akulona iqoqo elinzima kakhulu futhi iBlack Stars inawo amathuba okudlula kulo.

Umdlalo cishe ezolwa kakhulu kuwo iGhana ngowe-Uruguay kwazise kunenegqubu elikhona phakathi kwalamazwe elasukela eNdebeni yoMhlaba ka-201 eyayikuleli.

IGhana yaphuma ngendlela engacacile emzuliswaneni wokuqala esigabeni somkhumulajezi ngemuva kokuba uLouis Suarez evimbe ibola layo elabe seliyongena enethini ngesandla.

Iphenathi eyabekelwa yona ngemuva kwalokho yayihlula, kwagcina kudlule zona ezikaSuarez.

Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *