IPirates kumele iwine ukuze idlulele phambili kwiConfed: Ncikazi

IPirates kumele iwine ukuze idlulele phambili kwiConfed: Ncikazi
UKwame Peprah
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Uwodwa umphumela okumele utholwe yi-Orlando Pirates uma seyibhekene neDiables Noirs ngeSonto ntambama ngokusho kukamqeqeshi uMandla Ncikazi.

Lo mqeqeshi uthi kumele nakanjani balishaye leli qembu laseCongo-Brazzaville ukuze badlulele phambili kwiCAF Confederation Cup.

Lamaqembu azogadulisana e-Orlando Stadium ngeSonto ngo-5.30 ntambama emdlalweni ozokhonjiswa kuphela kwi-App yePirates, ngokusho kwaleli qembu.

“Uma ukulesi simo esikuso thina njengamanje, kumele ushaye amagoli uwine umdlalo,” kusho uNcikazi.

“Ukudlala ngokubambana ngeke kusisize thina njengamanje. NOma ngabe umdlalo uphela ngo 0-0 noma ngo 1-1, lokho kuzosiza labantu esizodlala nabo.

“Ngakho iPirates kumele iwuwine lo mdlalo,” kucacisa uNcikazi oqeqesha leli qembu ngokubambisana noFadlu Davids.

“Uma sibheka esesikubonile, likhona ikhono lokuwina lomdlalo. Siwakhile amathuba emdlalweni wokuqala yize bekushisa ukufa ngale.

“Ngicabanga ukuthi sadlala kangcono kunabo. Okwasihlula nje wukufaka ibhola enethini.

“Yingakho ke ukuzilungiselela kwethu bekugxile ekushayeni ineth: ekuhlaseleni, ekungeneni ebhokisini, ekukhahleleleni ipali nasekuthatheni izinqumo ezifanele uma sesisondele epalini.

UNcikazi uyazi ukuthi baziqansisela bona umsebenzi ngokuhlulwa wukushaya igoli ekuhambeni ebelizobabeka endaweni enhle.

FUNDA NALA: UGrobler uthi iyohamba isinda iChiefs engekho

“Bayiqembu eliqinile impela, basebenzisa izikhwepha, uyabazi labantu base-Afrika. Badlala ibhola eliqonda ngqo, abazami ukuphaselana kaningi.

“Balithatha baliphake ezimpondweni ukuze baligobe. Kodwa okubalulekile yile ndawo esizibeke kuyo.

“Asilishayanga igoli ekuhambeni, ukube sasilishayile ngabe sisesimweni esihle kabi manje.

“Kodwa ke manje okubalulekile wukuthi singadlali ngokulingana, kumele siwuwine umdlalo,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eHlokozi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.