I-Orlando Pirates kuzoyibulala ukuhluleka ukushaya inethi

Ukungawaboni amapali lapho egxunyekwe khona kwe-Orlando Pirates kungase kuyenzele phansi emidlalweni eminingi ezayo.
UKermit Erasmus we-Orlando Pirates

 

Ukungawaboni amapali lapho egxunyekwe khona kwe-Orlando Pirates kungase kuyenzele phansi emidlalweni eminingi ezayo.

IBucs idlala elihle ibhola leli kodwa ihluleka incame ukushaya amagoli yize namathuba iwakha.

Kube yisimo esifanayo ngesikhathi iPirates ishaywa yiSekhukhune United ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium ngoLwesibili.

IBucs idlale elihle ibhola kulo mdlalo weligi kodwa angavuma amagoli. Lokhu kugeja kwayo kuholele ekutheni iSekhukhune ikholwe wukuthi ingawuwina umdlalo.

Leli qembu livuke inja ebomvu ngasekupheleni komdlalo lashaya amagoli amabili, kwaphela kanjalo ngePirates.

EZimnyama beziye kulo mdlalo zithwelwe ngeqoma ngemuva kokudlala ibhola elihle zibhekene neMamelodi Sundowns kowomlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo.

Nakulo mdlalo kugqame ukuhluleka ukuqabulisa ibhola inethi kwiBucs ebihlasela iDowns iphindelela. Umdlalo ugcine uphele ngo 0-0.

FUNDA NALA: Kubhikishe abadlali kweleChampionship kumiswa umqeqeshi

Abadlali abafana noDeon Hotto, uLucky Lepasa, uVincent Pule noKermit Erasmus kuzomele bazame ukushaya emidlalweni ezayo.

I-Orlando Pirates izovakashelwa yiRichards Bay FC emdlalweni weligi ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

Izodlala lo mdlalo ngaphandle kukaThabiso Monyane othole ikhadi elibomvu bebhekene neSekhukhune.

– Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *