IPirates ngeke ibalaxaze oNcikazi noDavids njengokufisa kwabalandeli

IPirates ngeke ibalaxaze oNcikazi noDavids njengokufisa kwabalandeli
UFadlu Davids noMandla Ncikazi abaqeqesha i-Orlando Pirates
OkaDonga Gumbi

Izinkomba ziveza kuthi i-Orlando Pirates izokwenza izinguquko ethimbeni labaqeqeshi ngesizini ezayo kodwa ngeke ibalaxaze oMandla Ncikazi noFadlu Davids.

Ngokuthola kweMpempe laba baqeqeshi bakhombise ukuthi banekusasa elihle kwezokuqeqesha ngendlela abenze ngayo kule sizini yize bengawinanga lutho.

“Abaphathi bayakuqonda ukuthi bashaywe amava lapha nalaphaya kodwa benelisekile ngendlela abenze ngayo ikakhulukazi ngendlela iqembu ebelidlala ngayo.

“Khona zikhona izinguquko ezizoba khona ethimbeni eliqeqeshayo kodwa bona ngeke ibalaxaze,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa okwamanje.

Uveze ukuthi okungase kwenzeke wukuthi uDavids afakwe eqenjini leDStv Diski Challenge elikhombise ukuba yingozi kule sizini kodwa laqhuzuka ekugcineni liyeka isicoco sadliwa yiStellenbosch FC.

“Enziwe engathi kuzokwenzeka wukuthi uDavids uzoya enkulisa ayosiza khona ngoba umdala (u-Augusto “Njenje” Palacios) usekhulile futhi kuningi angasakwazi ukukwenza.

“UMandla yena angase asale khona eqenjini elikhulu asebenzisane nalowo mqeqeshi omusha ozoqashwa okubonakala kungaba nguGavin Hunt okwamanje.

“Lokhu kwenzelwa ukuthi kube khona olaziyo iqembu obekhona eduze kule sizini ozokwazi ukusizana nomqeqeshi omusha kodwa ebe efunda naye ukuze ngelinye ilanga abuyele ekuliqeqesheni.”

IPirates seyivele isayine uTapelo Xoki kuMaZulu FC njengoba seyiqalile ukuqinisa lapho ibona ishoda khona ukwenzela ukufaka inselelo kwiMamelodi Sundowns ngesizini ezayo.

FUNDA NALA: UMhango usezodlala kuMaZulu, uphambana noXoki oseya kwiBucs

Kuthiwa uKhoza usezisukumele ngokwakhe, wathi uzozibambela mathupha ekuqinisekiseni ukuthi leli qembu liyabuyela ekuwineni izicoco.

“Usebonile ukuthi ukuhlalela emuva athumeze akusizi yingakho esezibambela nje. Uhambe yena wayokhuluma naMaZulu ngoXoki, wawanxephezela ngokuncane yize kade ephelelwa yinkontileka.

“Uzobona iPirates ehluke kakhulu ngesizini ezayo futhi ungathuki uma iqoqa izicoco ngoba uKhoza ukhathele ukubuka liphendulwa ihlaya.”

Lo mthombo uveze ukuthi kukhona abadlali abaningana abazodedelwa kanti abanye kuzobolekiswa ngabo ukuze kuvuleke isikhathi sabasha.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.