IPirates seyidalule abanye abadlali ababolekiswayo

IPirates seyidalule abanye abadlali ababolekiswayo
UBoitumelo Radiopane osezogijima kwiCape Town Spurs abolekiswe kuyo yi-Orlando Pirates
Sbongs Gumbi

I-Orlando Pirates seyikhiphe uhlu lwabanye abadlali abazobe bengekho eqenjini layo ngesizini ezayo okukhona kubo umgadli osemncane uBoitumelo Radiopane.

Ngokwesitatimende esikhishwe yiPirates ngoLwesibili ntambama, uRadiopane uzogijima kwiCape Town Spurs ngesizini ezayo lapho ezobe ebolekiswe khona.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mgadli ukhombise ukuba yingozi ehamba phambili amasizini amabili kulandelana ngokushaya amagoli kwiDStv Diski Challenge.

Yize lo mfana osemncane ubekhona eqenjini elikhulu lePirates ngesizini edlule, akazange alinikwe ithuba lokudlala elanele.

FUNDA NALA: Kukhalwa ngengcindezelo ebhekene nofunwa yiChiefs, uphoqwa ukuya phesheya

Cishe iqembu lisole ukuthi nakulokhu kungenzeka angalitholi ithuba labe selibona kungcono ake ayiqala ngaphandle, libone ukuthi wenza kanjani.

IPirates iphinde yaveza ukuthi uNkanyiso Zungu, oke wamiswa engadlali kuyo ngenxa yokungaziphathi kahle, yena ubolekiswe kwiRichards Bay.

UBongani Sam yena uzophinde ahlangane nomqeqeshi akhuliswe nguye uJohn Maduka kwiMaritzburg United la ebolekiswe khona.

Ikuqinisekisile nokuthi noTshegofatso Mabasa yena ibolekiswe kwiSekhukhune United ukuba ayolanda kahle ifomu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.