IPirates seyiphinde yazitapela kwi-Arrows ithatha uMakhubela

IPirates seyiphinde yazitapela kwi-Arrows ithatha uMakhubela
UNtsako Makhubela
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

I-Orlando Pirates isiphinde yazisikela kwelinonile kwiGolden Arrows isayina uNtsako Makhubela obengomunye wabadlali abebegqamile ngesizini edlule.

Imininingwane yokuthi usayine isikhathi esingakanani kwiPirates uMakhubela beyingakavezwa. IPirates isanda kukumemezela ukusayina kwayo uMakhubela.

I-Arrows imfisele okuhle uMakhubela, yambonga ngokuyisebenzela ngokuthembeka nokuzimisela kule minyaka ayihlale kuyo.

“Sivalelisa kuNtsako Makhubela osezosishiya ayojoyina i-Orlando Pirates. Siyakubonga ngomsebenzi osenzele wona kule minyaka embalwa edlule Delakufa.

“Futhi sikufisela okuhlwe kumaBhakhaniya,” ibhale kanje i-Arrows kwiTwitter yayo ngolwesihlanu emini.

IPirates isayina uMakhubela nje bekulindeleke ukuba isayine uNkosinathi Sibisi noSifiso Mlungwana kuleli qembu laseThekwini.

FUNDA NALA: Isikhulu seKZN Athletics sicacisa ngePrince Mangosuthu Marathon

UMakhubela ungumdlali okhaliphile futhi akubonakali ezoba nenkinga ekutheni angene esitayeleni sePirates.

Uzofica uMandla Ncikazi obengumqeqeshi wakhe ngesizini edlule kwiPirates. Kusalindeleke ezinye izinguquko ezishaqisayo ngabadlali njengoba sekuyiwa evikini lokugcina lokusayinwa kwabadlali.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.