IPirates seyivale isikhala sikaTyson ngoSibisi noXoki

IPirates seyivale isikhala sikaTyson ngoSibisi noXoki
UNkosinathi Sibisi osezogijima kwi-OrlandoPirates ngesizini ezayo
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates seyigcine ikuqinisekisile ukuthi seyimsayinile uTapelo Xoki obekuMaZulu FC, yaphinde yaveza ukuthi seyisayine noNkosinathi Sibisi kwiGolden Arrows.

“I-Orlando Pirates isingakuqinisekisa ukuthi seyivumelene neGolden Arrows ngokudayiselana uNkosinathi Sibisi,” kusho leli qembu esitatimendeni ngoMsombuluko.

“Amabhakhaniya bavumelene naBafana Bes’thedne naye umdlali uqobo ngokuthi athuthele e-Orlando Stadium uma sekuvulwa iwindi lokusayina abadlali ngoJulayi 1.

“I-Orlando Piratesfc isingakuqinisekisa nokuthi seyisayine nesinye isitobha uTapelo Xoki oneminyaka engu-27 osuka Osuthiwni kanti lona luzothola uGabadinho Mhango.”

IPirates isayina lezi zitobha nje isanda kudedela uThulani “Tyson” Hlatshwayo kanti kulindeleke idedele nabanye okubalwa kubo noKwanda Mngqonyama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.