IPirates seyizovala ihlazo ngeConfed Cup, kusho uDavids

IPirates seyizovala ihlazo ngeConfed Cup, kusho uDavids
UBandile Shandu
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uFadlu Davids uthi sebezolwela ukwenza kahle kwiCaf Confederation Cup ngoba sekuyiyona kuphela indebe abasele nayo.

IPirates izikhiphile embangweni wesicoco seDStv Premiership futhi umqeqeshi wayo uMandla Ncikazi wakuveza ukuthi ubona sekungeseMamelodi Sundowns lesi sicoco.

Iphinde yaphuma nakwiNedbank Cup ngesikhathi ishaywa yiMarumo Gallants sekukhahlelwa amaphenathi kuleli viki.

“Kumele sibaphathe kahle laba badlali. Okokuqala okubalulekile wukuqinisekisa ukuthi basesimweni esifanele sokudlala bese kuba wukuthi nemiqondo yabo isesimweni esihle.

“Ukuhlulwa kwidabhi bese manje sikhishwe kwiNedbank kusigqilazile… Kodwa kumele sivuke sizithintithe siqhubeke nendlela kulo mqhudelwano weCaf.

“Yilokho esesigxile kukho manje,” kusho uDavids. IPirates izobhekana neRoyal Leopard yaseSwatini emdlalweni kaGroup B ngeSonto ngo-6 kusihlwa e-Orlando Stadium.

IBhakabhaka lisendaweni yesibili ngamaphuzu ayisithupha ngemuva kwemidlalo emithathu kuleli qoqo layo.

Nokho uma ingaphinde iyishaye iLeopard, eyayibhaxabula ngo 6-2 emdlalweni wasekuhambeni, ingazibeka ethubeni elihle lokuthi idlulele phambili.

FUNDA NALA: IRoyal AM yiyo esibhekwe elutheni igcine idle isicoco seNedbank

Khonamanjalo uBandile Shandu uthi kube yinto ebuhlungu ukuyemukela ukukhishwa kwabo kwiNedbank Cup.

“Kufana nokugwinya umuthi obabayo… Sidlale kahle ngale ndlela esidlale ngayo, kuyithi esiphethe umdlalo (kodwa sahlulwa).

“Siwatholile amathuba futhi aba maningi kodwa asangawasebenzisa. Kunzima ukwamukela lo mphumela kodwa ngicabanga ukuthi sekumele sikhohlwe yilo mdlalo sibheke olandelayo.

“Ngicabanga ukuthi kuzomele sibambane, ukudlala sidlala kahle kakhulu. Sidinga nje ukusebenzisa amathuba esiwakhayo ngoba amathuba abamaningi impela wona.

“Kumele siqhubeke sisekane sibheke phambili bese sisizikhandla ukuthola imiphumela emihle,” kusho uShandu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.