IPirates yenyukele endaweni yesibili ishaya iGalaxy

Yesibili
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

I-Orlando Pirates inyukele endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership ngemuva kokushaya iTS Galaxy ngo 2-0 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.

EZimnyama zakhe inqwaba yamathuba kulo mdlalo kodwa umehluko kulokhu ukuthi ibhola belikhala enethini.

Empeleni iPirates bekumele ihlohle inqwaba yamagoli uma kubhekwa amathuba ewakhile kulo mdlalo.

Umdlalo uqale amaqembu engasabani kucaca ukuthi womabili abefuna ukuwina.

Ukuhlasela ngamandla kweBucs kwenze yathola igoli ngomzuzu ka-14, kanti kube elihle elize noBandile Shandu.

Ngemuva kwalokho eZimnyama bese zifika kuvalwe amehlo emapalini eRockets kucaca ukuthi zifuna igoli lesibili.

Empeleni elinye lishaye ipali esesele unozinti. Seziya ekhefini yiGalaxy ebizama ukuthola igoli lokulinganisa kodwa
kwagcina kungalunganga.

Isiwombe sesibili siqale kuyiyona futhi iRockets ebizama ukucindezela. Nokho ngomzuzu ka-50 iBucs iphinde
yabhakuzisa inethi ngonyawo lukaCollins Makgaka.

FUNDA NALA: IBaroka iyeke ithuba lokudlaa amaphuzu agcwele

Kulo mdlalo kuphinde kwagqama ukudlala kahle kukaDeon Hotto obe nesandla kuwona womabili amagoli.

Omunye umdlali odlale kahle kweZimnyama uSiyabonga Mpontshane ovimbe amabhola ayingozi ngasekupheleni komdlalo.

Uphinde wangena futhi uThembinkosi Lorch osazama ukubuyela kahle emdlalweni ngemuva kokuhlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.

Nokho lo mdlali uyakhombisa ukuthi akakabuyeli esimeni sakhe njengoba ephinde wageja ibhola elilula.

Emdlalweni olandelayo iBucs izobhekana neSwallows FC eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesibili.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *