IPirates yiqembu elikhulu, kumele ikukhombise enkundleni lokho: Ncikazi

IPirates yiqembu elikhulu, kumele likukhombise enkundleni lokho: Ncikazi
UThembinkosi Lorch noBen Motswari be-Orlando Pirates
OkaDonga Gumbi

Usale engazi uzothathani ahlanganise nani uMandla Ncikazi ngemuva kokuphoxeka i-Orlando Pirates ihlulwa emdlalweni wamanqamu kwiCaf Confederation Cup ngoLwesihlanu ebusuku.

Okwenza kube nzima kuNcikazi ukwamukela lo mphumela wukuthi iPirates yiyo ebiphethe lo mdlalo obuseGdoswill Akpabio Stadium eNigeria.

EZimnyama zigobe kumaphenathi ngo 5-4. Nokho kumele izisole yona ngenqwaba yamathuba edlale ngawo kulo mdlalo.

“Siyayibongela iRS Berkane, kubuhlungu kithi. Sihlulwe kowamanqamu. Sihlulwe emdlalweni obekungamele sihlulwe kuwo,” kusho uNcikazi.

“Bekuwumdlalo obekumele siwunqobe lona kungaze kuyiwe esikhathi esengeziwe namaphenathi. Kodwa ke bekunjena nje isizini yonke.

“Siyawakha amathuba futhi nemidlalo siyayilawula kodwa bese sihlulwa wukwenza lokhu okubaluleke ukwedlula yonke into ebholeni, ukufaka ibhola enethini.

“Ngibuhlungu ngabadlali ngoba bazame konke. Kodwa sekwenzekile okwenzekile, ngeke sisakujika. Okungiphoza kakhulu wukuthi akuwona umdlalo obekumele sihlulwe kuwo lo.

“Kodwa ke linjalo ibhola. Uma ungalifaki ibhola enethini ngeke uwine,” kuchaza uNcikazi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.

“Ukuhlulwa kanjena kubuhlungu. Thina njengabaqeqeshi kuwumsebenzi wethu ukuthi sivuselele abadlali ngoba sinomdlao weligi ngoLwesibili.

“Laba badlali kumele bawudlale lowo mdlalo. Akubanga yisizini enhle kithi lena. Izizathu zalokho yilezi enizibonile namuhla.

“Siyawuphatha umdlalo kodwa ekugcineni umphumela asiwuboni. Laba badlali bawazuzile amava, thina sizobagqugquzela baqhubekele phambili.

“Abadlali bazodlula kulokhu, iPirates izovuka. IPirates isazodlala kangcono kunalokhu. Yiqembu elikhulu leli, kumele sikukhombise lokho nasenkundleni.”

IPirates inemidlalo emithathu yeDStv Premiership esalele ngayo emuva. NgoLwesibili izobhekana neMaritzburg United ekhaya e-Orlando Stadium.

NgoLwesihlanu iyobe seyigadulisana neRoyal AM ekuhambeni eThekwini bese ivala ngeSuperSport United ngoMeyi 30.

FUNDA NALA: Sivume icala lokuphoxa kwathiwa asixolise isikhulu seCape Town City

Ube esebuzwa ngokusetshenziswa kohlelo lokuthi umdlalo wamanqamu ube nomlenze owodwa nempatho abayitholile eNigeria.

“Ngisamile ekutheni kuhle ukuthi umdlalo wamanqamu ungabi nemilenze emibili ngoba lokho kwenza kube nethuba lokuthi udlalelwe enkundleni engavuni muntu.

“Uma ukuqhathanisa nokuthi umdlalo wamanqamu ube nemilenze emibili. Uyazi nawe lapha e-Afrika kunamazwe othi uma uya kuwo kufike kwenzeke noma yini (engalungile).

“Le nkundla ebesidlala kuyo eNigeria beyiyinhle, siphathwe kahle kanti nabalandeli bebephume ngobuningi. Yithina ne esizilimaze ngokungashayi amagoli.

“Kodwa ngokokuhleleka kwezinto, yonke into beyiqondile. Mina ngiyakuthanda ukuthi umdlalo onjena udlalelwe enkundleni engavuni muntu.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.