IPrince Mangosuthu Marathon ihlelwa yiBiggarsberg Athletics: Makhoba

IPrince Mangosuthu Marathon ihlelwa yiBiggarsberg Athletic: Makhoba
Abagijimi beBiggarsberg AThletics Club
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Facebook

IPrince Mangosuthu Marathon iyaqhubeka futhi akukho mbango okhona ngayo. Lokhu kucaciswe yisikhulu seKwaZulu-Natal Athletics, uCeli Makhoba.

Angithi phela kuke kwasuka omkhulu umsindo phakathi kweKZN Athletics nomasipala waseMgungundlovu kubangwa iMandela Marathon.

Umasipala wenqabela iKZN Atheltics ukuba iqhubeke nalo mqhudelwano, yathi yiwo onelungelo lokuwuhlela.

Yilokhu ke osekwenze isikhulu seKZN Athletics, uMakhoba asheshe acacishe ngomjaho osematheni kulezi zinsuku iPrince Mangosuthu Marathon.

UMakhoba uthe umasipala, Umzinyathi DIstrict Municipaity ungabaxhasi balo mjaho kanti uhlelwa yiBiggarsberg Athletic Club.

“Angikucacise lokhu, umasipala ungabaxhasi kuphela. Awungeni ekuhlelweni komjaho, usiza lapho udingeka khona ukuqinisekisa ukuthi uyimpumelelo,” kuchaza uMakhoba.

IPrince Mangosuthu Marathon yethulwe ngokusemthethweni ngoLwesine eThekwini kanti uzogijinywa ngoSepthemba 5.

Kuke kwaba nezinkulumo ngokuthi uzogijinywa kanjani lo mjaho kwazise eminingi ihlehlisiwe ngenxa yokudlanga kweCovid-19.

FUNDA NALA: UNange uyazithulela, ukhulunyelwa yizinyawo zakhe enkundleni

UMakhoba ukucacisile nalokhu: “Umjaho ugunyaziwe ngabe-ASA (Athletics South Africa). Sibonile ezinkundleni zokuxhumana bekugcwele ukuthi lo mjaho ngeke ugijinywe.

“Lezo zinkulumo zisuka kubantu abazidukizela abanye nje. Umjaho ukhona futhi sizoqinisekisa ukuthi yonke imigomo yezokuphepha iyagcinwa.

“Silindele abasubathi ababalelwa ku-1 000 ukuba bazogijima kulo mqhudelwano kwazise imijaho iyindlala kulezi zinsuku,” kusho uMakhoba.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.