IPSL isimtholile ozovala isikhala sikaBecker?

IPSL isimtholile ozovala isikhala sikaBecker?
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi iPSL izobuyisa uZola Majavu ongummeli esikhundleni sokuba ngumshushisi kule nhlangano.

Lokhu kulandela ukuthi kushiye uNande Becker obesehlale kulesi sikhundla isikhathi eside.

Ukusula kukaBecker kuvele ngempelasonto ngesikhathi abezindaba befuna ukuzwa kuye ngokuzokwenzeka ngeKaizer Chiefs engafikanga emdlalweni wayo.

UBecker wabe eseqinisekisa ukuthi akasahlanganise lutho nePSL njengoba eshiyile kusukela ngoNovemba 30.

Nokho Impempe seyizwe amahebezi okuthi iPSL isisheshe yamthola ozovala lesi sikhala kuMajacu.

Umthombo olwazi kahle lolu daba kodwa ocele ukungadalulwa uhlebele Impempe ukuthi iPSL ibisivele ingeneme ngomsebenzi kaBecker.

“Bekuvele sekukhona ukungenami ngendlela awenza ngayo umsebenzi wakhe, futhi cishe nawe uyazi kungani kunjalo.

FUNDA NALA: I-Arrows iquve yodwa eMagogo lutho ukufika iChiefs

“Yingakho ke kuthe uma eveza ukuthi uzoshiya, iPSL yaqala yafuna omunye ozovala isikhala.

“UMajavu ke nguyena esengizwe engathi sekuqedwe konke naye ngalesi sikhundla futhi uzoqala maduze nje,” kusho lo mthombo.

Uveze ukuthi kungenzeka uMajavu ethulwe ngokusemthethweni ngoLwesine.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *