IPSL ithi iya enkantolo nayo iphikisa ukumiswa kweyokuhlunga

IPSL ithi iya enkantolo nayo iphikisa ukumiswa kwemidlalo
UDABA: OkaDonga Gumbi
 ISITHOMBE: Twitter

Isigcine iphawulile iPremier Soccer League (PSL) ngokumiswa kwemidlalo yokuhlunga. Le midlalo imiswe ngemuva kokuthi iRoyal AM igijimele enkantolo iyocela ukuthi imise ukuqala kwale midlalo kuze kube kuphethwa amacala asaqulwa.

IRoyal AM isembangweni ovuthayo neSekhukhune United ngokuthi yiliphi iqembu elizonyuselwa kwiDStv Premiership lisuka kwiGladAfrica Championship.

Ijaji lenkantolo ephakeme yaseGoli, uJaji Nyathi livumelane neRoyal AM, layikhipha incwadi emisa ukuqala kwemidlalo. Bekumele iqale ngoLwesibili ntambama imidlalo.

Umbango waqala ukushuba ngesikhathi umehluleli ozimele enquma ukuba agidlabeze iSekhukhune ngamaphuzu amathathu ayephucwe iPolokwane City. IPolokwane yayilahlwe yicala lokungalandeli yonke imithetho yePSL emdlalweni wayo neSekhukhune.

Ikomidi eliqondisa izigwegwe kwiPSL lanquma ukuyihlawulisa ngokuyiphuca amaphuzu amathathi eyawawina kulo mdlalo. Nokho iSekhukhune yabe seyidlulisela udaba kumehluleli.

IPSL ikhiphe isitatimende esifishane esiveza ukuthi yona ifuna kuqhutshekwe kuqedelwe imidlalo ukuze kungaphazamiseki ukuqala kwesizini entsha.

“Isigungu esiphezulu sePremier Soccer League namuhla (ngoLwesibili) sinqume ukufaka isicelo esisheshayo ukuphikisana nesinqumo sikaMhlonishwa uJaji obambile uNyathi wenkantolo ephakeme yaseGauteng sangoMsombuluko kusihlwa.

“UJaji Nyathi uvimbele ukuqala kwemidlalo yokuhlunga obekumele iqale ngo-3 ntambama ngoJuni 15 2021.

“IPSL iphoqelekile ukuthi ithole isixazululo esisheshayo njengoba usuku lokugcina lwesizini kunguJuni 30. Izinkontileka zabadlali abaningi ziyaphela ngalolo sukuk anti ukubambezeleka kwale midlalo kubeka ukuqala kwesizini ka-2021/22 engcupheni,” besifundeka kanje isitatimende sePSL.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.