IPSL iyalibona iphutha lokudonsa kwamacala ayo

UMato uyobamba kuze kubuye uJesu yini kanti kwesePSL?
UMato Madlala wePSL
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Thuli Dlamini

Isikhulu esiphezulu esibambile kwiPremier Soccer League (PSL), uMato Madlala, siyavuma ukuthi kumele babhukule uma kukhulunywa ngokuqulwa kwamacala kule nhlangano.

Ubephendula umbuzo othi kungani kulindwa kuze kube ngasekupheleni kwesizini ukuze kuthathwe izinqumo ngamacala athize. Lokhu kugcina kubambezela futhi kususa nomsindo.

Nokho uMadlala uthe bayazama ukwenza ubulungiswa emacaleni ukuze kungabi khona ogcina engenelisekenga.

“Uyabona ngisho enkantolo… ngisho kungathiwa unqume umuntu kubuka abanye. Uma ubheka amacala manje ababulali mhlawumbe asedonse izinyanga eziyisiphutha. Umuntu unelungelo lokuthi icala lakhe lihlehliswe uma efuna lokho,” kusho uMadlala.

“Uma iDisciplinary Committee (DC) ikunikeza icala obekwe lona kunezinsuku okumele zilandelwe. Kona siyabona, futhi siyavuma ukuthi kuzomele senze kangcono futhi sibhukule kulolo hlangothi.

“Kodwa futhi kumele niqonde ukuthi ababhekana namacala bazimile. Lokhu kwenzelwa ukuthi kungabi khona ogxambukelayo ndlela thize.

“Futhi nakhona siyabona ukuthi kuzomele siyiqinise le ndawo, siyinikize imali engeziwe ukuze ikwazi ukuthi isheshise amacala. Yiphuzu lelo nathi siyalibona, ukuthi ngeke silokhu sihlazeka wonke amasizini ngezinto zamacala.”

Ukhuluma kanjena nje uMato kunecala elivumbuke ekugcineni kwiGladAfrica Championship, phakathi kwePolokwane City neSekhukhune United. Ukuwina leli cala kweSekhukhune kwenze yathola amaphuzu amathathu sekusele umdlalo owodwa kusongwe isizini.

Ngaleso sikhathi bese kubukeka sengathi isicoco seChampionship sizoya kwiRoyal AM nakanjani ngoba ibidinga iphuzu elilodwa ukuze ibe ngompetha.

Sekungumlando ukuthi leli calala ligcine lidlulela enkantolo enkulu yaseGoli. NgoMgqibelo inkantolo iwachithile amaqembu abefuna kuguqulwe isinqumo sikamehluleli ozimele nokuchaza ukuthi iSekhukhune United iyona engompetha beChampionship.

Nokho uma kubhekwa indlela akhulume ngayo oyisikhulu seRoyal AM, uShauwn Mkhize, ngaphambi kokuthi kuphume isinqumo, maningi amathuba okuthi icala lidlulele phambili. Lokhu kungaphazamisa imidlalo yokuhlunga eqala ngoJuni 15.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.