Iqalile eyokuhlunga, kodwa izoqhubeka?

UKurt Lentjies weVhippa United
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Igcine idlalile imidlalo yokuhlunga iqembu elizonyukela kwiDStv Premiership ngempelasonto futhi iChippa United izibeke endaweni engcono ihlula iRichards Bay ngo 2-0. Lo mdlalo bewuseNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha ngoMgqibelo ntambama.

La maqembu athole sekusele amahora amabili umdlalo uqale ukuthi kumele adlale. Lokhu bekulandela ukusabisa kweRoyal AM ngokuthi incwadi yayo emisa le midlalo isasebenza yize bese sichithiwe isicelo sabo enkantolo.

Umqeqeshi weChippa, uLehlohonolo Seema uvumile ukuthi umdlalo awubanga muhle ngenxa yalolu ngabazane obeluwusibekele.

“Bekuwumdlalo obungazi kumele ulindeleni kuwo ngenxa yezinto ebezenzeka ngaphambi kwawo. Besingazi ukuthi sizodlala noma ngeke… besihalel sibeke indebe ukuzwa ukuthi kuthiwani,” kusho uSeema ngemuva komdlalo.

“Kodwa kumele ngibancome abadlali bawo womabili amaqembu ngoba bekungelula ukulungiselela lo mdlalo. Sizamile. Siqale ngonyawo lonwabu kodwa lokho bekufanele.

“Sizizwe amava ethu ukuthi sikwazi ukuwina kulo mdlalo ebesibhekene kuwo neqembu elizimisele. Kuyacaca ukuthi bazobe sebengcono kakhulu emdlalweni wabo olandelayo,” kwengeza uSeema.

Le midlalo kwakumele iqale esikhathini esiyiviki esidlule kodwa yamiswa kulandela ukufaka kweRoyal AM isicelo sokuba ingaqhubeki. Lokhu babekwenza ngoba besafakele inselelo enkantolo ephakeme isinqumo senkantolo enkulu yaseGoli sokubeka iSekhukhune United njengompetha beGladAfrica Championship.

Isicelo sabo sichithiwe enkantolo ngoLwesihlanu. I-PSL ithe yacetshiswa abameli ukuthi le ncwadi yeRoyal AM yokumisa imidlalo ayisasebenzi njengoba inkantolo seyiyichithile esicelweni sayo sokuphikisa isinqumo sayo.

“Sizisizile ngokuwina sisekhaya. Into esebenzayo njengamanje wukuqina komqondo. Sikujabulele ukudlala sidlule emdalweni wokuqala. Sesizozilungiselela kangcono kolandelayo,” kusho uSeema.

Ngokohla lwemidlalo yokuhlunga, iChippa kufanele ibhekane neRoyal AM ngoLwesibili eChatsworth Stadium, eThekwini. Kodwa akucaci noma kuzokwenzeka yini lokhu njengoba kulindeleke iRoyal AM ifake esinye isicelo sokumisa le midlalo ngoMsombuluko.

Leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize kuthiwa selisifakile isicelo sokuphikisa isinqumo esabeka iSekhukhune njengompetha beChampionship. Manje sekusele bafake esokumisa imidlalo kuze kuphethwe lolu daba.

Uma inkantolo ivuna iRoyal AM, kuyodingeka ihoxe kweyokuhlunga kungene iSekhukhune endaweni yayo. Nokho nayo akubukeki izokuvuma lokho futhi ingase iludlulisele phambili nayo lolu daba.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.