Iqede irekhodi iTshakhuma iguqisa iSwallows

UKamonelo Mahlatsi weSwallows noThabo Mnyamane weTshakhuma Tsha Madzivhandila

OKADONGA GUMBI

Iphelele ezeni imizamo yeSwallows FC yokuqhubeka nokungehlulwa njengoba iTshakhuma ibe ngeyokuqala ukuyithela induku, iyishaya ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni weNedbank Cup e-Old Peter Mokaba Stadium ngoLwesihlanu kusihlwa.

Kube womakadebona babadlali beDube Birds, oVuyo Mere noMusa Nyatama ababe nebhadi lokuvinjelwa amaphenathi wabo, kwaba wukuphela kwendlela kulo mqhudelwano.

Nokho iTshakhuma beyikufanele ukuwina lo mdlalo njengoba ikhombise zisuka ukuzimisela kwayo futhi idlale kahle kakhulu.

URhulani Manzini bekumele enze kangcono ngomzuzu wesine umdlalo uqalile ngemuva kokuphiwa ibhola yisitobha seSwallows ebesithi siliphasa emuva lawela kuye wayobhekana ngqo nonozinti uVirgil Vries. Uthe uzama ukuleqisa laceza layophuma eceleni kwepali.

UThabo Mnyamane yena akazange esalenza iphutha ngomzuzu ka-18, wayibeka phambili iTshakhuma ebineminyakazo emihle yokuhlasela kade kuyi-free kick.

Beyingawathola amanye amagoli iTshakhuma kodwa yaphikwa yinhlanhla ikakhulukazi ngomzuzu ka-36 la ibhola likaLehlohonolo Nonyane lizishayise epalini selimehlulile uVries.

Kuthe sekusele umzuzu kuyiwe ekhefini, yalithola elokulinganisa iDube Birds, uSipho Sibiya engqofela phakathi ibhola ebeligotshwe nguKamohelo Mahlatsi.

Kuke kwamiwa ngemuva kwaleli goli kwelashwa uSibiya oshishilize wayoshayeka kanzima ngemilenze epalini ngemuva kokukora.

ITshakhuma isiqale kahle isiwombe sesibili njengoba kuthe kusaphele imizuzu emine uManzini wayibeka phambili.

USekgota uhlulwe imbuzi sekuthiwe hlaba udle esikhathini esengezwe unompempe, obekuzoba yigoli leSwallows lokuwina.

IDube Birds iqhubekile nokuzabalaza ingafuni ukugoba uphondo futhi imizamo yayo yagcina iphumelele uVuyo Mere eyibuyisela emdlalweni sekusele imizuzu engu-15 umdlalo uphele.

Kuthe sekubalwa amanenjana kuphele isiwombe sokuqala esikhathini esengenziwe, uSifiso Hlanti washaya phansi uJoseph Molangoane ngaphakathi ebhokisini langakubo kwaba yiphenathi.

Kodwa uVries ukwazile ukuyivimba leyo phenathi ebishaywe uMeshack Maphangule. Ayikho evume ukugoba uphondo ngemuva kwalokho indaba yaze yayoqedelwa phansi kwepali.

Komunye umdlalo weNedbank Cup odlale ngoLwesihlanu, iCape Town All Stars yehlule omkhaya nayo iCape Town Spurs ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi. Umdlalo ubuphele zibambene ngo 2-2.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.