Iqede ukuqagela iPirates yethula umqeqeshi omusha ozovala esikaZinnbauer

Iqede ukuqagela iPirates yethula umqeqeshi omusha
UJose Riviero ongumqeqeshi omusha kwe-Orlando Pirates
Sbongs Gumbi

I-Orlando Pirates seyimtholile umqeqeshi omusha owethulwe ngoMgqibelo ekuseni, uJose Riveiro, waseSpain.

URiveiro usayine iminyaka emithathu kwiPirates ezobe ihlanganisa iminyaka engu-85 yasungulwa ngonyaka ozayo.

Ibheke ukuthi kube khona ekuwinayo ukubungaza le minyaka eminingi kangaka yasungulwa, kanti naye uRiviero usekuvezile ukuthi uyawazi umsebenzi omhlalele.

“Okokuqala nje ngifisa ukubingelela bonke abalandeli be-Orlando Pirates. Ngijabule kakhulu ngokuba lapha eqenjini,” kusho uRiviero.

“Lo msebenzi wePirates ungangijabulisa futhi ngebheke ngabomvu ukuqala ukuwenza. Kungenza ngithobeke ukunikwa lo msebenzi wokuqeqesha iqembu elikhulu kangaka.

FUNDA NALA: UDoctor Khumalo uveza iholo lakhe lokuqala kwiKaizer Chiefs

“Ngokubambisana nabo bonke ozakwethu, sesibheke ukufika sizojoyina abanye ukuze siqale umsebenzi ngokushesha.

“Sizosebenza ngokubambisana ukuze siqophe umlando ngokuthi sakhe iqembu sonke esizoziqhenya ngalo,” kusho lo mqeqeshi.

Uza kwiBucs nje usuka kwiFC Turku ngakubo eSpain lapho abesebenza khona kusukela ngo-2019 kwaze kwaba ngu-2021.

URiviero uzofika nabasizi bakhe oSergio Almenara nomqeqeshi wonozinti uTyron Damons kanti uMandla Ncikazi uzoqhubeka nokuba nelinye lamaphini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.