Iqhubekile nokudaza inkani uma isekhaya iMaMkhize Boys

Iqhubekile nokudaza inkani uma isekhaya iMaMkhize Boys
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Iqhubekile nerekhodi layo lokungashaywa kalula ekhaya iRoyal AM eshaye iStellenbosch FC ngo 1-0 eChatsworth Stadium eThekwini ngeSonto ntambama.

Leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize alishaywa kalula emidlalweni yeDStv Premiershup uma lidlalela ekhaya.

Emidlalweni eyisithupha yasekhaya seliwine emine, ladlala owodwa ngokulingana, lase lishaywa kowodwa kuphela.

Nokho ngeSonto abafana bakaMaMkhize abawuqalanga kahle umdlalo nokungenzeka ukuthi isimo sezulu sibe nomthelela kulokhu.

IStellebosch iyona eqale kahle umdlalo ihlasela. Ihlulekile nokho ukushaya amagoli yize kade kuyiyona ebiwuphethe umdlalo ngemizuzu engu-30 yokuqala.

Okuhlalukile wukuthi womabili amaqembu abezabalaza ukubamba kahle ibhola ngesiwombe sokuqala, ngenxa yemvula eliyishaye kakhulu ungakaqali umdlalo.

Abanye abadlali baze baphoqeleka ukushintsha amakhokho abo ngenxa yesimo senkundla.

Ibuye seyishintshile iRoyal AM ngesiwombe sesibili. Icindezele zisuka izama ukuthola igoli nokwenze ukuthi iStellies ingakwazi ukuya phambili.

Kugcine kulungile eqenjini lasekhaya njengoba uTebogo Potsane eshaye igoli ngomzuzu ka-59 ngemuva kokuthola ibhola elihle ebelivela kuVictor Letsoalo.

Ngemuva kwalokho umdlalo uvulekile iStellies ifuna elokulinganisa. IRoyal AM nayo ayizange ihlale emuva njengoba uPotsane ecisho wathola igoli lakhe lesibili kulo mdlalo.

Ngemizuzu yokugcina bese kuvalwa amehlo iStellies ifuna ukulinganisa wasebenza unozinti.

IStellies bese ishaywa okwesibili kule sizini nokuyenza ukuthi yehle kwilogi yePremiership.

Ngakolunye uhlangothi iRoyal AM inyukele endaweni yesithathu ngokuwina ngeSonto.

Emdlalweni olandelayo iRoyal AM izobhekana nomkhaya AmaZulu FC ngoMgqibelo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *