Iqhubekile nokuqhwandela emuva njengenkukhu iChiefs

Iqhubekile nokuqhwandela emuva njengenkukhu iChiefs
OkaDonga Gumbi

Iphinde yaqhwandela emuva ibe ibheke phambili njengenkukhu iKaizer Chiefs ishaywa yiSuperSport United ngo 1-0 ngoMgqibelo kusihlwa.

Amakhosi aqhwandela emuva njengenkukhu nje abheke ukulwela indawo yesibili kwiDStv Premiership kodwa manje seyehlele kweyesine.

Lokhu kungenxa yokuthi ayikwazanga ukusebenzisa ukuba sekhaya phambi kwabalandeli bayo abebesenkundleni okokuqala ngemuva kwesikhathi eside.

Imvula ebilokhu iyishaye kusukela ekuseni eGoli cishe yiyo eyenze abalandeli bengaphumi ngobuningi babo eFNB Stadium kulo mdlalo.

IChiefs yiyo ebilawula umdlalo yize beyihlulek wukwakha amathuba amahle uma seyisondela ebhokisini leSuperSport.

Nokholokhu kujikile emizuzwini emihlanu yokugcina yalo mdlalo njengoba lamaqembu abezama ukuya ekhefini esesebuhleni.

FUNDA NALA: ISundowns iziqansile indlela kwiChampions League ishaywa

UKhama Billiat udlale kahle ejika izitobha ezimbili kodwa ibhola lakhe walivimba uRonwen Williams.

Libe seliwela kuNkosingiphile Ngcobo, othe uyadla kodwa ibhola lakhe landiza laphuma phezu kwapali kungasekho muntu.

UThamsanqa Gabuza naye ube nalo ithuba engaphakathi ebhokisini leChiefs kodwa kwasho ukuthi ibhola liwele onyaweni lokuhamba, wahluleka wukulinamathisela enethini.

IChiefs iqhubeke la beyigcine khona esiwombeni sesibili ifika iphindelela emapalini kaWilliams kodwa imfice engenawo umusa eyichithe.

UGabua ulungise iphutha lakhe ngomzuzu ka-68 enamathisela enethini ibhola aligotshelwe uGampani Lungu kwesokunxele.

Ukwehlulwa kweChiefs kuyehlisele endaweni yesine njengoba iCape Town City sekuyiyo esendaweni yesithathu ulandela ukubambana neRoyal AM ngo 1-1.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.