Iqhubekile nokushoshela iChiefs ibhaxabula kanzima iTshakhuma

OkaDonga Gumbi

Kaizer Chiefs (1) 3

Tshakhuma (0) 0

Iqhubekile nomgqigqo wayo omuhle iKaizer Chiefs iwina umdlalo wayo wesithathu kulandelana kwiDStv Premiership, ngesikhathi ishaya iTshakhuma Tsha Madzivhandila ngo 3-0 eFNB Stadium ngoLwesibili ntambama. Amakhosi aseshaye AmaZulu FC ngo 2-0, alandelisa ngeCape Town City abayishaye ngo 2-1, okwenza babe sendaweni ejabulisayo kwi-log yePremiership.

Okuzojabulisa kakhulu umqeqeshi, uGavin Hunt nabalandeli wukuthi iqembu seliyayibona inethi lapho ingakhona njengoba selishaye amagoli ayisikhombisa, langenelwa elilodwa emidlalweni emithathu edlule. Amakhosi asesendaweni yesikhombisa kanti anamaphuzu angu-16 ngemuva kokuwina ngoLwesibili.

IChiefs iwuqale kahle umdlalo kuyiyo ephethe ibhola futhi beyidlala ngokukhululeka kunakule midlalo esayidlalile kule sizini. Nokho iphoqeleke ukuba yenze ushintsho kusaphele imizuzu embalwa umdlalo uqalile kulandela ukulimala kukaRamahlwe Mphahlele. Indawo yakhe ithathwe nguNjabulo Blom, kwaphoqeleka ukuthi uDaniel Cardoso asuke esiswini abuyele emuva.

Nokho lokhu akubonakalanga kuwaphazamisa kakhulu amacebo eZimpofana njengoba ziqhubekile nokuphatha umdlalo.

Akuthusanga ukuthi iChiefs ishaye igoli kuqala ngesikhathi uNkosingiphile Ngcobo ekhombisa ukukhula okuyisimanga engatatazeli, ethola ibhola engaphakathi ebhokisini leTshakhuma. Uvele walibamba kahle ngesineke, waleqisa esitobheni ebesithi siyamvimba, qede wadedela udalimede awuzwe ngenjabulo yabadlali beChiefs ukuthi usuphelele enethini, uWashington Arubi obesezintini zeTTM.

Akukho okutheni okwenziwe yiTTM ukuzama ukubuya kulo mdlalo, futhi kube wukubhacaza kwaMakhosi okwenze kuphele isiwombe sokuqala esanegoli elilodwa.

Nesiwombe sesibili siqhubeke ngomgqigqo wesokuqala, lingekho iqembu ebelikhombisa ukujaha. Ubungalindela ikakhulukazi iTTM ukuthi ibuye nomdlandla ukuze izame ukuthola okungenani iphuzu.

Nokho kube Amakhosi acishe athola elesibili ngomzuzu ka-47 kodwa ibhola abelingqofile, uSamir Nurkovic, liceze kancane ukuba lingene.

Ngomzuzu ka-66, uHunt ukhiphe uLebohanga Lesako, wafaka uLebogang Manyama. Akuzange kumthathe isikhathi esitheni uManyama ukuthi akhombise abekungenele enkundleni njengoba evele wavalela phakathi ibhola ebeligotshwe nguHappy Mashiane ngomnyakazo wakhe wokuqala kungakapheli nomzuzu engenile.

Ngemuva kwalokho kube sekucaca ukuthi Amakhosi asezozihambela kalula namaphuzu agcwele njengoba kukuncane iTshakhuma ebikwenza ukukhombisa ukuthi iyalifuna igoli.

Sekusele imizuzu eyisikhombisa umdlalo uphele, izinto zibe lutsheku kakhulu kwiTTM ngesikhathi u-Alfred Ndengane ekhishwa ngekhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uNurkovic.

Kuthe iTshakhuma isibheke ukuthi umdlalo uyaphela, nayo iphelelwa yicala, kwaqhamuka uMashiane wathi naye ucela ukufaka elakhe igama ohlini lwabashaye amagoli.

UBernard Parker naye uzibhalile ezincwadini zikanompempe u-Abongile Tom ethola amakhadi aphuzi kulandelana qede wakhishwa ngelibomvu.

Leave a Reply

Your email address will not be published.