Iqinise nakubaphathi iSekhukhune efuna ukuphuma ‘ehlathini

UPeter Koutroulis

ALFRED NGUBANE

ISekhukhune United ihlabane ngomakadebona wemenenja ebholeni laseNingizimu Africa, uPeter Koutroulis nowazakhela udumo kwiMamelodi Sundowns yasePitoli.

Leli qembu elidlala kwiGladAfrica Championship lilwela ukukhuphukela kwiDStv Priemership kanti lesi sikhulu sinomlando omude ngebhola laseNingizimu Afrika njengoba sike saphatha kwiSundowns, Thanda Royal Zulu, Chippa United neMpumalanga Black Aces.

Usihlalo weSekhukhune, uSimon Malatjie uthi bajabulile ukuthola uKoutroulis kulesi simo ababhekene naso sokufaka iqembu esigabeni esiphezulu ngoba ukuqonda kahle okudingekayo.

Ebuzwa ukuthi uyalibona yini ukuthi ithuba lokungena uthe: “Sisenalo ithuba lokunyukela phezulu. Ukuqinisekisa ukuthi siyayiwina yonke imidlalo elandelayo yikho okuzosifaka ezweni long nobisi.”

Uvumile ukuthi abadlali bakhe babenokukhathala emzuliswaneni wesibili njengoba leli qembu liqale kahle imdlalo yeChampionship.

Emaqenjini asembangweni oshubile nosuphenduke ugingqigingqo kukhona amabili aKwaZulu-Natal, iRichards Bay neRoyal AM, Sekhukhune neFree State Stars.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.