IRichards Bay ibuyele eqhulwini, kodwa kusabanjwe ngamazinyo

IRichards Bay ibuyele eqhulwini, kodwa kusabanjwe ngamazinyo
Alfred Ngubane

Ithole ukuphefumula iRichard Bay ngenkathi ibhaxabula iPlatinum City Rovers ngo 5-1 ukuze buyele eqhulwini kwiGladAfrica Cahmpionship.

Lo mphumela uphinde wayibeka ethubeni eligcono lukukhuphukela kwiDStv Premiership uma sekusongwa imidlalo yale ligi.

IBay iye kulo mdlalo livuza igazi ngemuva kukuhlulwa yi-University of Pretoria ebanga nayo ukukhuphukela kwiPremiership.

Kuzokhumbuleka ukuthi uSifiso “Jomo” Biyela, ongumnikazi weBay waquleka ngonyaka odlule leli qembu libhacaza ekugcineni lagcina ngokuthi lidlale imidlalo yokuhlunga nalapho lakhala ngaphansi kwetshebe.

Komunye umdlalo obuphakathi kweCape Town All Stars naMaTuks uphele zibambene ngo 1-1 okusize ezikaBiyela zibuyele eqhulwini.

Nokho umsebenzi osasele unzima kwazi iphezulu ngenxa yamagoli kodwa iyalingana naMaTuks njengoba benamaphuzu angu-46 bonke.

Sekusele imidlalo emine kulesi sigaba la iBay okumele izibambe ziqine kuyo ukuze ikwazi ukwenyuka.

Emdlalweni olandelayo iBay izogadulisana neHungry Lions kanti akusamele iphinde ilahle amaphuzu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.