IRichards Bay ishaye AmaZulu ngestina ithatha uMemela

IRichards Bay ishaye AmaZulu ngestina ithatha uMemela
ULuvuyo Memela osezogijima kwiRichards Bay ngemuva kokudedelwa AmaZulu FC
Alfred Ngubane 

Uchayise AmaZulu FC uLuvuyo Memela ngesikhathi eqoka omakoti beDStv Premiership iRichard Bay ethulwe kuyo ngoLwesine ntambama.

AmaZulu asanda kuphumela obala ukuthi afuna ukumbuyisa lo mdlali ngokuthi amnike inkontileka entsha kulandela ukumxosha kwawo ekupheleni kwesizini edlule.

UMemela nguye odle inqwaba yezindondo ngesikhathi AmaZulu eklomelisa abadlali abenze kahle ngesizini edlule.

Abaningi basala bemangeke nangesikhathi lo mdlali ededlwa wuSuthu njengoba wayekade eshaye into ecokeme kakhulu kwiligi nakwiCaf Champions League.

UMemela wazakhela igama kwiCape Town All Stars ngaphambi kokuthi alandlwe yi-Orlando Pirates ahlale kuyo amasizini amathathu.

Ukuhamba kwakhe nakuyo kwabakhalisa abalandeli abaningi kwazise wayengomunye wabadlali abahle kuleli qembu ngaleso sikhathi.

Kulindeleke adlale umdlalo wakhe wokuqala kwiRichards Bay ngoMgqibelo njengoba leli qembu lizotholana neGolden Arrows ePrincess Magogo Stadium KwaMashu.

Lo mdlalo ungomunye yezoheha kakhulu abathandi bezemidlalo KwaZulu-Natal njengoba kuzoba kutholana amaqembu angomkhaya.

FUNDA NALA: Amehlo abalandeli beChiefs abheke njo kuZwane ukubona ubaphatheleni

Womabili lamaqembu ahlome ngabadlali abasebancane abasalambele ukudlala nokuzakhela amagama.

Kulo mdlalo kuzobonakala abaqeqeshi abasebancane abanikwe ithuba lokuqeqesha lamaqembu ukuthi ngabe baphetheni njengoba kwi-Arrows kukhona uVusi “Kanu” Vilakazi noMabhuti Khenyeza.

KwiRichard Bay khona kukhona uPitso Dladla osezoqeqesha ngokubambisana noVasili Manousakis nokuyinto evezwe yileli qembu ngawo uLwesine.

UManoukis, obeliphini lomqeqeshi kuMaZulu phambilini, ufuke kwiBay wethulwa njengozohola ithimba labaqeqeshi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.