IRichards Bay izowajabulela amaphuzu amahhala, kodwa beyifisa ukuwajulukela

IRichards Bay izowajabulela amaphuzu amahhala, kodwa beyifisa ukuwajulukela
U-Allan Freese weRichards Bay
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IRichards Bay ingase iwacoshe mahhala amaphuzu emidlalweni yokuhlunga, kodwa umqeqeshi wayo, u-Allan Freese uthi bebengakujabulela ukuwajulukela.

Leli qembu likaSifiso “Jomo” Biyela kumele libhekane neRoyal AM emdlalweni walo wesibili wokuhlunga iqembu elizongena kwiDStv Premiership ngoLwesine.

Kodwa lezi zimbangi sezithe zona zilubhadi enkundleni. IRoyal AM isamile kwelokuthi le midlalo akumele ukuthi iqhubeke njengoba inencwadi yasenkantolo ethi ayimiswe kuze kuphothulwe amacala asenkantolo.

Udaba olusenkantolo ngolwayo iRoyal AM efuna kuguqulwe isinqumo esabeka iSekhukhune United njengompetha beGladAfrica Championship.

IRoyal AM ithi yiyo ompetha balesi sigaba ngakho akumele ngabe badlala kweyokuhlunga. Ithi yiSekhukhune okumele sidlale neRichards Bay neChippa United kule midlalo.

Nokho iPremier Soccer League iyaphikelela ngokuthi le ncwadi eyatholwa yiRoyal AM enkantolo ephakeme yaseGauteng ayisasebenzi njengoba isicelo eyayikhishelwe sona sachithwa enkantolo ngoLwesihlanu olwesludle.

IRoyal AM yabuye yafaka esinye isicelo sokuba inikwe ithuba lokuphikisa isinqumo sokubekwa kweSekhukhune njengompetha.

Ekhuluma neMpempe ngoLwesine ekuseni, uFreese uthe bona bazilungiselele ukudlala futhi bazofika enkundleni. Umdlalo useChatsworth Stadium ngo 3 ntambama.

“Thina sazi ukuthi sinomdlalo futhi siya khona. Sizilungiselele siqedile, sekusele singene enkundleni,” kusho uFreese.

“Kodwa ngeke sikufihle ukuthi kunzima ukungazi noma umdlalo uzoqhubeka noma kuzokwenzeka kanjani. Lento iyabagqilaza abadlali ngoba into abayifunayo wukungena enkundleni benze into abayithandayo.

“Uma kuthiwa asingene sodwa sigingqe, sizokwenza lokho kodwa besingathanda ukuwudlala lo mdlalo,” kuchaza uFreese ovale isikhala sikaSimo Dladla owaxshwa ekupheleni kwesizini kuleli qembu.

IRichards Bay ike yazihola phambili isikhathi eside kwiChampionship futhi abaningi babe sebeyibona izosidla isicoco, kodwa yaqhuzuka sekusele kancane ifike entanjeni.

Funda nala: Abadlali beRoyal AM bayafuna bona ukudlala eyokuhlunga

Yagcina iqeda endaweni yesithathu okuyifaka emidlalweni yokuhlunga. UFreese uthi abadlali bakhe kubaphethe kabi lokhu ngoba bayazi ukuthi bayeka elihle ithuba lokungena kwiPremiership.

“Ngabafica bephansi… Kubafanele lokho uma ubheka ukuthi babeqengqeleza phambili isikhathi eside kangaka kodwa baphoxeka ekugcineni. Ngakhuluma nabo ngabatshela ukuthi bengaqhubeka bakhalele into abangeke besayishintsha, noma baqhubekele phambili bathole isisombululo.

“Bakhetha ukuthi asiye phambili, silungise leli phutha ngokuwina le midlalo yokuhlunga bese singena kwiPremeirship. Kodwa manje sesibhekene nalesi simo esithanda ukusinda impela emiqondweni yethu,” kuchaza uFreese.

Ube esencokola ebuza ukuthi vele mangaka amaqembu adlala le midlalo yokuhlunga ngoba bona bebelungiselele ukuthi bazoba bathathu, kodwa manje ubona sebebabili.

IRichards Bay yehlulwa ngo 2-1 yiChippa United emdlalweni wayo wokuqala, kodwa uFreese uthi bazokulungisa lokho ngeSonto uma iChippa seyiza kubo eMhlathuze Sports Complex.

“Senza amaphutha amancane, kodwa nginethemba elikhulu lokuthi bayobuyela emuva belambatha ngeSonto. Ngiyabethemba abafana bami, bazimisele ukulungisa leliya phutha,” kusho uFreese.
EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.